LIHLEHLISELWE inyanga ezayo yiNkantolo yeMantshi yaseHarding, icala lowokufika kuleli okuthiwa ngesonto eledlule, uvukwe yisikhwele wagenca ngocelemba isoka lobeyintombi yakhe. Umgilwa kuthiwa ulimale kanzima esandleni.
Lo msolwa ona-27 (esingenalo igama lakhe) okuthiwa ungowokudabuka eSomalia, ubevele enkantolo ngoMsombuluko, ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza uMnuz Xolani Mbuthuma (35) okuthiwa usebenza njengonogada ezitolo eHarding. Kusolakala ukuthi uhlaselwe emva kokubonwa wumsolwa emi nentombi okuthiwa ibithandana nomsolwa kodwa isimalile.
Lesi sigameko kuthiwa siholele ekutheni umphakathi nabomndeni kamgilwa bavuke umbhejazane, baphoqe ukuthi kuvalwe izitolo zabokufika baseSomalia edolobheni eHarding, kuze kube abafowabo bakamsolwa bamhambisa emaphoyiseni njengoba bekukholakala ukuthi bebemfihlile.
Umfowabo kaMbuthuma, uMnuz Tony Mbuthuma, uthe emva kokuthi abanikazi bamabhizinisi baseSomalia bevakashele umndeni ukuzoxolisa ngesenzo sabo beqinisekisa ukuthi umsolwa sebemhambise emaphoyiseni, bakhokhiswe inhlawulo ethile ngokulimala kukamsolwa, kwathelelwana amanzi.
“Noma kuvunyelwane ngokuthi icala lizosulwa emva kokuthi abafowabo bakamsolwa bekhokhe inhlawulo ethile, kodwa umsolwa usatoke ngaphakathi njengoba inkantolo inqume ukulihlehlisela uJuni 5, icala. Umhlangano siwuhlale namhlanje (esho izolo), kanti umsolwa ubesevele esevelile enkantolo, kwathathwa lesi sinqumo. Sekuyothi ke uma esevela, umgilwa aye enkantolo aveze ukuthi sekuxoxiwe,” usho kanje.
Elandisa ngokulimala kukamfowabo okuthwa ugenceke kanzima esandleni ezama ukuvika, uthe ngoLwesine esephuma emsebenzini ushayelwe ucingo yintombi yakhe yeza ngasesangweni lalapho asebenzela khona. Ngesikhathi besazimele, kuthiwa kuqhamuke umsolwa wabuza intombi ukuthi bayini nalo muntu emi naye. Uthi imchazelile ukuthi bayathandana njengoba yena (umsolwa) isamala.
Kuthiwa umsolwa uphuthume esitolo sakhe wabuya esebelethe ucelamba emhlane, ngesikhathi umgilwa enganakile elibele ukukhuluma nentombi yakhe. UMbuthuma uthe abantu abebekhona bazamile ukuxwayisa umgilwa ukuthi akabaleke, kwasho ukuthi bese kusemuva kwesikhathi, umsolwa eseseduze kakhulu, kwaphoqa ukuthi avike ngezandla okulapho alimale khona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-27 ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Uzobuyela enkantolo ngenyanga ezayo.