U-ADVOCATE Sipho Ramosepele omele ufakazi wokuqala nowesibili ecaleni lokubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa, usole uMnuz Mthokozisi Thwala ngokunikezela ngobufakazi obungenele nobushayisanayo.
UThwala nguye ophekwa ngemibuzo kule licala kanti uqale ukuvela ngaphambi kweNkantolo eNkulu yasePretoria ngeledlule.
Ukuphoswa ngemibuzo kukaThwala izolo bekumayelana nokwenzeka ngaphakathi endlini ngosuku okwadutshulwa kwabulawa ngalo uMeyiwa ngo-Okthoba 2014.
U-Adv Ramosepele usole uThwala ngokuthi ufike anikezele ubufakazi uma sekufanele anabe ngabo, abese ethi akasakhumbuli.
Uthe lokhu uThwala ukwenza njalo uma ebona ukuthi usevaleleke ekhoneni uma exinwa ngemibuzo noma uma kukhona angafuni ukwanda kabanzi ngakho.
Okokuqala abuzwe ngakho uThwala ukuthi wasibona yini isibhamu komunye wabasolwa, uvumile ukuthi wasibona, kwathi uma esebuzwa ukuthi sasinjani, wenqaba ukunaba, wagcina esethi akazi.
U-Adv Ramosepele ubuye wathi ubufakazi bukaThwala kuyashayisana nobukafakazi osazovela enkantolo uma ethi emva kokuphuma kwakhe endlini ebaleka eya kwamakhelwane, wathatha isikhashana ukuthi abuyele endaweni yesigameko.
Uthe lofakazi uzoveza ukuthi akuphelanga sikhathi esingakanani uThwala efikile kwakhe, babuyela endaweni yesigameko.
U-Adv Ramosepele ubuye wathi lofakazi uzophikisa okushiwo uThwala uma ethi babuya kanye kanye endaweni yesigameko njengoba yena ezoveza ukuthi wazifikela yedwa, engahambi noThwala.
Kubuye kwaphakama umoya kuThwala ngesikhathi u-Adv Ramosepele empheka ngemibuzo ebimayelana noLongwe Twala.
Phakathi kwaleyo mibuzo, ubebuzwa ukuthi uyazi yini ukuthi uLongwe wawathinta yini amaphoyisa emva kokubaleka kwakhe endlini.
Uphinde wabuzwa ukuthi uma ecabanga yini eyadala kube lula ukuthi uLongwe asheshe aphume endlini.
“Ngeke ngimkhulumele mina uLongwe, engingakuphawula, yilokho okumayelana nami. Usazozifikela naye, azoziphendulela enkantolo,” kusho uThwala.
U-Adv Ramosepele uthe konke lokhu kungenxa yokuthi abekho abantu abahlasela endlini, uThwala uvele wanyukelwa umoya, wathi ngeke amshintshe indlela acabanga ngayo.
Ngaphambi kokuba inkantolo iguqe, uThwala uphikelele nobufakazi bakhe bokuthi uKelly Khumalo ongunina wengane kaMeyiwa noMandisa owayengunkosikazi kamufi abalwanga beficana esibhedlela.
Lobu bufakazi buyashayisana nalobo obanikezelwa uMnuz Tumelo Madlala, naye owayengumngani kaMeyiwa nyakenye, owatshela inkantolo ukuthi laba bobabili balwa beficana esibhedlela.
Icala liyaqhubeka namuhla.