KUSOLWA ukudembesela komphenyi ‘ngokuduka' komunye wofakazi owukhiye ecaleni lokungqongqiswa kwabathathu okwenzeka ngoJanuwari 25, 2022, eNkanini, eCato Manor.
Ngalobo busuku kwabulawa abesilisa abathathu okungoMnuz Phumlani Tshekele, Numkile Mfenqe noRefilwe Mokoena.
Kuvela ukuthi babesolwa umphakathi ngokuwuhlalisa lubhojozi bedlwengula bedayisa izindlu zabantu ngo dli.
Ngosuku lwesigameko kuvela ukuthi amalungu omphakathi abahlasela besendlini abathatha ayobokhela ngomillo bephakathi emotweni.
Kwabe sekuboshwa abasolwa abayisithupha oMnuz Mmiseli Khondlo (41) odume ngelikaJomo, Vusimuzi Mazula ( 46), Thandekile Penelope Sithuntsa (37), Siphenathi Zoko (28) Mfanafuthi Muzi Masikane (37) noScelo Thusi (39).
NgoLwesithathu eNkantolo eNkulu yaseThekwini bekufakaza umphenyi elingeke lidalulwe igama lakhe ngenxa yezizathu ezithile.
Ngesikhathi ephekwa ngemibuzo, ummeli wabasolwa uvumile ukuthi akamazi ukuthi washonaphi uMnuz Mlambo ongomunye wofakazi ochazwa yinkantolo njengobalulekile kuleli cala.
Kuvela ukuthi uMlambo wayekhona ngesikhathi sesigamemko futhi kuningi akubona.
Kodwa kuthiwa walimisa ngesihloko kwabasondelene nabo ukuthi akazimisele ngokuthi abe ngufakazi kuleli cala ngoba lokho kungabeka umndeni wakhe engcupheni.
Kodwa isitatimende esifungelwe wasenza.
Umphenyi uveze ukuthi lo fakazi wake wamthinta ngocingo emazisa ukuthi akasekho eNkanini useseGoli.
"Wangitshela ukuthi ukhethe ukuthi alishiye iTheku ngoba akazimisele ngokuthi abe ngufakazi kuleli cala. Wangitshela ukuthi useGoli kodwa wanqaba ukungitshela ukuthi kuphi nalo,'' usho kanje.
Ummeli wabasolwa usole umphenyi ngokudembesela ukuthola ukuthi ukuphi nendawo ufakazi.
Uziphendulele umphenyi wathi kunzima kakhulu ukuthi angagcwala lonke iGoli ekubeni lilikhulu kangaka ebheka umuntu oyedwa.
"Akulula njengoba ucabanga ukufuna umuntu ongamazi nokuthi ukuziphi izinkalo,'' uphendule kanjena.
Uthe ikhona imizamo ayenza kodwa yabhuntsha. Uthe baze bacela nokuthi kungenele nophiko lweCrime Intelligence kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Umphenyi unxuse inkantolo ukuba isebenzise isitatimende esenziwa ufakazi ngaphambi kokuba agcwale izinkalo.
IJaji uChetts lizwakalise ukukhathazeka kwalo ngokuduka kwalo fakazi lakubeka ngembaba ukuthi bekudingeka afike ezobethula ubufakazi ngento ayibona ngosuku lwesigameko.
.