UMNDENI womshayeli we-Uber okuthiwa ushone ngesikhathi imoto abehamba ngayo ishayisana nebihamba iphoyisa, ukhala ngokuvikelwa ngozakwabo kwephoyisa ekutheni libhekane necala lokushayela libudlonyile engozini eyenzeke erobhothini Kwa-V, eMlaza, ngoMgqibelo ebusuku.
UMnuz Thabiso Sociko (22) wakhona eMlaza, kuthiwa ubelayishe abane obekungamakhasimende abemshayele ucingo emcela ukuthi awalande, ngesikhathi imoto abehamba ngayo ishayisana neyephoyisa elaziwayo endaweni okuthiwa belingekho emsebenzini ngesikhathi kwehla ingozi.
Kulesi sigameko, kuthiwa kulimale abagibeli abane abebekwi-Uber abangeniswe esibhedlela, kwashona uSociko.
Ilungu lomndeni kaSociko, uMnuz Bongani Maphumulo, lithe okubaphatha kabi ukuthi icala lokufa kwakhe linyathelwe ngezinyawo ngamaphoyisa, laveza ukuthi ngesikhathi kwenzeka isigameko afikile amaphoyia ngokushesha alishushumbisa ngoba ebona ukuthi leqiwe uphuzo.
“Kuthiwa imoto yephoyisa ishaye irobhothi. Okusiphatha kabi ukuthi iphoyisa lisuswe ngamanye endaweni yesigameko lashushumbiswa ngoba kubonakala ukuthi lidle kakhulu. Ngesikhathi kuyovulwa icala esiteshini samaphoyisa eMlazi, lalihluleka nokuma kubonakala ukuthi leqiwe uphuzo,” usho kanje.
Uthe okubaphatha kabuhlungu ukuthi babona ubulungiswa bungenziwa njengoba nomphenyi wecala engafuni ukubambisana nomndeni, ekhala ngokuba matasa, uma befuna ukwazi ukuthi kwenzakalani ubayalela ukuthi babuye ngesonto elizayo.
“Sifisa ukuthi kwenzeke ubulungiswa liboshwe iphoyisa lijeze uma lonile. Kubuhlungu ukuthi sekuzomele singcwabe umfana wasekhaya esemncane kanje ngenxa yobudedengu, nokwenza benziwe umuntu womthetho nakhona ozakwabo bemvikela ngoba eyiphoyisa,” eqhuba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso. Uveze ukuthi uyedwa oshonile kwathi abahlanu baphuthunyiswa esibhedlela.