KUBOSHWE unogada emva kokutholakala kwezaguga ezimbili zibulewe zangcwatshwa ethuneni elingashoni, eduze kwenkulisa lapho ebezisebenza khona eMgababa.
Bebeboshwe ngezintambo futhi amakhanda abo embozwe ngopulastiki.
UNksz Zanele Doris Mbuso (61) ongumnikazi wenkulisa futhi obengumakhelwane wakhe, uNksz Monica Xulu (81) babikwe ukuthi banyamalele ngosuku lokugujwa kweqhaza labesifazane, ngo-Agasti 9 emva kokuya ezitolo. Kubikwe ukuthi bagcine ukubonakala behamba ngemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile.
Ngokuthola kweSolezwe kuboshwe unogada obesebenza enkulisa ngoLwesihlanu ebusuku, emva kokuthi inhlangano ezimele ebheka abalahlekile, iRenegade Search and Rescue nophiko lwamaphoyisa iK-9 Unit bethungathe laba ababili, baze babathola begqitshwe eduze nenkulisa.
Imindeni yabagilwa isathuthumela ngesihluku ababulawe ngaso. Elinye lamalunga emindeni yabashonile elicele ukungadadulwa igama, lithe baphatheke kabi ngesihluku sokufa kwabantu abadala abebewusizo emphakathini, abebondla nemindeni yabo ngomsebenzi abebewenza wokugada izingane enkulisa.
Okhulumela imindeni, uDawn Gounden ophinde abe umphathi we-Renegade Search and Rescue, uthe umufi uNksz Zanele Doris Mbuso ngaphambi kokuthi asebenze enkulisa ubesebenza kubo esiza unina osemdala oneminyaka eminingi.
Uthe uNksz Mbuso wacela ukuyeka ekuqaleni konyaka ngoba ethi usethole indawo yokusebenza eduze nasekhaya. Uthe ubesefana nelungu lomndeni, yingakho ukunyamalala kwakhe kumuthinte kakhulu.
Uthe ngesikhathi umndeni uzwa izindaba zokuthi abagilwa batholakele futhi umsolwa wunogada osebenza enkulisa abebesebenza kuyo, kubakhubazile emoyeni.
“Basaba ukuthi umsolwa ubengasebenzi yedwa kuleli cala. Bayathemba ukuthi amaphoyisa azokwazi ukuliphenya kabanzi icala,” kusho uGounden.
Uthe kunyantisa igazi futhi kulahlisa ithemba ukucabanga ukuthi abagilwa babulawa ngosuku lokubungazwa kwabesifazane.
Okhulumela inhlangano engenzi nzuzo ebhekene nezinkinga zabesilisa, iStand Out, uNksz Zandile Mthimkhulu uthe kuyinto ebuhlungu ukuthi kubulawe abantu abadala, ikakhulukazi abesifazane ngale ndlela, ngenyanga lapho kuqhakanjiswa ukubaluleka kwabesifazane, amalungelo abo neqhaza abalibambile beyinzalabantu.
“Okunzima ukuthi bebezinikele ukulekelela umphakathi ukuze ikusasa labantwana bethu liqhakaze. Siyafisa ukuthi abasolwa bathole isigwebo esibafanele ,” kusho uNksz Mthimkhulu.
Oyikhansela eMgababa, uMnuz Arthur Mgobhozi uthe okwenzekile kuyaqala kule wadi futhi okushanqisa kakhulu wukuthi kwenzeke ngenyanga yabesifazane.
“Kusithele ngehlazo okwenzekile. Kuyisihluku engingakaze ngisizwe ukuthi kubulawe ogogo ngale ndlela. Ngoba benzeni kangaka? kubuza uMgobhozi.
Uthe kule ndawo baningi bangaphu kuka-35 000 kodwa kabanaso isiteshi samaphoyisa futhi bahamba ibanga elide ukuyobika amacala emaphoyiseni aseMkhomazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa asebophe umsolwa oyedwa obandakanyeka ekubulaweni kwabesifazane abatholakale emgodini ongashonile ngaphandle kwenkulisa.
Uthe umsolwa uzovela eNkantolo yaseScottburgh namuhla.