UZIDONSELE amanzi ngomsele uSomlomo woMkhandlu othe uzoxosha umsebenzi kamasipala oyi-ANC uma singekho isikhala sokuthi afake ilungu lomndeni lekhansela le-IFP elishonile.
USomlomo woMkhandlu wasebaQulusini, uMnuz Michale “Mkhonyovu” Khumalo, angase azithole ephenywa yizinhlaka ezehlukene okubalwa kuzo iHhovisi loMvikeli woMphakathi noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Izinhlangano zezepolitiki nenyunyana yabasebenzi bakamasipala, iSA Municipal Workers Union (Samwu), bathe bazobhalela lezi zinhlaka bezicela ukuthi ziphenye inkulumo kaKhumalo.
Le nkulumo uyenze ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yomngcwabo wekhansela elishonile, uMnuz Phaphama Mbatha.
Kule nkulumo esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, uKhumalo uzwakala ethembisa ukufaka emsebenzini ilungu lomndeni wakwaMbatha.
“Kade ngitshela imenenja kamasipala la, umndeni waseMaMbatheni uzosinikeza ingane eyodwa esizoyiqasha lapha kwamasipala. Uma isikhala singekho, sizoxosha umuntu oyi-ANC lapha. Sengimbonile ngamehlo engqondo ukuthi lo kufanele simxoshe.”
UNobhala weSamwu KwaZulu-Natal, uNksz Nokubonga Dinga, uthe bazobhalela iHhovisi loMvikeli woMphakathi, balicele ukuthi liphenye inkulumo kaKhumalo.
“Inkulumo yakhe thina siyibona njengokusebenzisa budedengu amandla akhe, iwukwehluleka ukwehlukanisa phakathi kwemandla anikezwe umkhandlu namandla anikezwe izikhulu zikamasipala. Le nto ayenzayo ingukwephula amalungelo abantu kanye nelungelo labasebenzi lokuzikhethela inhlangano yezepolitiki abafuna ukuzibandakanya nayo.”
UNksz Dinga uthe uKhumalo akanawo amandla okuqasha noma okuxosha abasebenzi, wathi uKhumalo akanawo namandla okutshela imenenja yomkhandlu ukuthi kufanele iqashe noma ixoshe bani.
Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi akekho umsebenzi kamasipala ozoxoshelwa isizathu esingazwakali.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe bazobhalela uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, bamnxuse ukuthi aphenye uKhumalo.
“Sifuna ukuthi uKhumalo aye koziphendulela, bese kuthathwa isinqumo.”
UMndebele uthe inkulumo kaKhumalo ichukuluza i-ANC.
“Sekukaningi i-IFP ilokhu isichukuluza. Sibona sengathi abantu abaphethe i-IFP njengamanje abawazi umlando ophakathi kwe-ANC ne-IFP KwaZulu-Natal, abazi lapho siqhamuka khona. Banochuku, banomsindo.”
USotswebhu weDA esifundeni iZululand, uMnuz Swelakhe Shelembe, uthe abahambisani nokuqashwa ngokobuqembu.
“Sinomuzwa wokuthi isitatimende sakhe sinobudedengu futhi siyacwasa ngokobuqembu. Sithanda ukuxwayisa osopolitiki ukuthi bengadidwa umbhobho, bese bekhuluma nezinto ezingafanele uma bephambi kwabantu. Sifuna kuphenywe ukuthi njengoba i-IFP iphethe lo mkhandlu, ayikaze yini iqashe ngokobuqembu?”
USotswebhu weNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe kade basho ukuthi i-IFP isinomkhuba omusha wokuqasha ngokobuqembu.
Uthe lo mkhuba musha kwi-IFP, wathi uyafisa ukuthi uKhumalo athathelwe izinyathelo.
“Sifisa ukuthi i-IFP yenze into elungile. Kade sasikhala ngokuthi abasebenzi okukholakala ukuthi abasiyona i-IFP, bayahlukunyezwa emikhandlwini ephethwe yi-IFP.”
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe udaba lukaKhumalo luzobhekwa yikomiti elilusa abajutshwe ezikhundleni, iPolitical Oversight Committee.
“UKhumalo uzofike azichaze phambi kwekomiti.”
UHlengwa i-IFP ayihambisani nokuqasha ngokobuqembu.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, usenxuse ukuba umasipala uphenye uKhumalo.
UZikalala uthe umthetho ukubeka kucace ukuthi omasipala kufanele baphenye amakhansela aphula isifungo sawo.
Uthe inkulumo kaKhumalo ifake umkhandlu ehlazweni.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaKhumalo ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi engazange ewuphendule umyalezo awuthunyelwe.