UMMANGALELWA wesibili uMnuz Bongani Ntanzi, osolwa ngokubulala uSenzo Meyiwa, usola uMbuso ngokugodla isitatimende sakhe sasebhange esiveza ukuthi wayekuphi ngezinsuku zesigameko.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ngo-2014, ekubo kwentombi yakhe engumculi uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng. Kushushiswa abamangalelwa abahlanu okuthiwa babulala uMeyiwa. UNtanzi nabanye aboshwe nabo bayawaphika wonke amacala kanti uzimisele ngokusebenzisa isitatimende sasebhange esiveza ukuthi wayekuphi.
U-Advocate Sipho Ramosepele omele uNtanzi, ucebe uMbuso ejajini ukuthi kade wacela ukuba unikezwe isitatimende sasebhange kodwa uMbuso ushona ezintangeni.
“Nkosi yenkantolo uzokhumbula ukuthi ngijoyine kamuva kuleli cala ngase ngicela ukunikezwa isitatimende sikaNtanzi sasebhange kodwa namanje angikaze ngisithole, ngishoniswa le, nale. Ikhasimende lami ligcina lisola ukuthi ngihudula izinyawo emsebenzini wami,’’ kusho uRamosepele.
Ephendula uMshushisi u-Advocate George Baloyi, omele uMbuso uthe lolu daba baluxoxile noRamosepele futhi luyalungiswa.
“Nkosi yenkantolo ngiyamangala uma uzakwethu eseluveza esidlangaleni lolu daba ngoba saluxoxa ngamchazela izizathu zokuthi isitatimende singatholakali. Simchazelile nokuthi kungenzeka isitatimende asithole ngasekuqaleni kwesonto elizayo,’’ kphendula uBaloyi.
URamosepele uthe uyaxolisa ukufaka uBaloyi enkingeni kodwa bekufanele alukhulume udaba ngoba ikhasimende lakhe ligcina lingatholi kahle ukuthi kwenzekani. Ngaphandle kodaba lwesitatimende kubangwe udaba lwesibhamu okuthiwa sadubula uMeyiwa.
Udaba lwesibhamu luvele ngesikhathi kufakaza uWarrant Officer Cornelius Roelofse, ongungoti wezibhamu nowasicubungula kabanzi lesi okuthiwa sabulala umufi. Icala lihlehlele uMsombuluko lapho kuzoqhutshekwa nokulalela ubufakazi.