UBEHLALE ekhala, efuna ukubuyiselwa indodakazi (3) yakhe umfundi ka-matric otholwe ebulewe eSiqungeni, eMthwalume, ngeSonto.
Isidumbu sikaMandisa Cele (21) obefunda eSinokubonga Junior Secondary sitholwe simbozwe ngengubo phezu kombede egumbini lakhe lokulala.
Ikhanda lakhe kuthiwa belibokozela, aphinde abe nezibazi ebusweni nasemzimbeni.
Kusolwa uyise wengane ngesigameko, okumanje kuthiwa akasabonwa nangokhalo.
Ubabomncane kamufi, uMnuz Mzwandile Dlungelwa, uthe umsolwa ubemhlukumeza umufi, ehlala ngokumshaya.
“Bebevame ukuxabana, uMandisa efuna abakubo kamsolwa babuyise ingane yakhe, abamphuca yona ngenkani,” kusho uDlungelwa.
Uthe uMandisa ubebabikela uma eshaywe umsolwa, bathi uma benikela khona, bamfice esekhale amaphepha. Udalule ukuthi esigamekweni esandulela lesi, umsolwa wabulala wonke amawindi endlu kaMandisa, ayishiyelwa wunina ongasekho.
“Ngathi ngiyafika, ngathola esebalekile,” kusho uDlungelwa.
Elandisa ngesigameko, uthe babizwe womakhelwane.
“Sifike sekugcwele umphakathi, kukhona nomndeni kamsolwa. Sithole ukuthi yiwo umndeni kamsolwa nomakhelwane ababone kuqala ukuthi uMandisa ubulewe,” kusho uDlungelwa.
Uthe bezwe kuthiwa umndeni kamsolwa ubone engabuyi ngoMgqibelo, wanikela kwamakhelwane wendawo yesigameko ngeSonto, uyocela ukuphelezelwa uyombheka.
Kuthiwa bafike bathuma umakhelwane ukuthi akangene ngaphakathi, abheke, waphuma ethwele izandla ekhanda ethi usezithele phezu kwesidumbu.
“Sisola ukuthi kukhona abakwaziyo. Yini le ebese beyazi eyenze ukuthi bafune ukuphelezelwa uma beye endaweni yesigameko?” kubuza uDlungelwa.
Uphinde wathi basola ukuthi umndeni kamsolwa uyazi ukuthi ukephi njengoba engabonwa nangokhalo nje.
“Ngisho sesifikile endaweni yesigameko siwumndeni, bavele bazimela esixukwini somphakathi, belokhu belalela ukuthi sikhuluma sithini,” usho kanje uDlungelwa othe lokhu kubadine kakhulu.
Uveze ukuthi igazi likaMandisa beliqala endleleni yakwamsolwa, ligudle liye ethangini lamanzi eliseduze kwendlu, ngaphambi kokuba liyongena egumbini lokulala endlini.
Uthe basola ukuthi umhlasele ngesikhali esithile endleleni, wawa, maqede wamhudula, ezama ukumgeza igazi ethangini, ngaphambi kokuqhubeka amhudulele endlini, la agcine eficwa khona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokubulala emaphoyiseni aseHibberdene.
Isolezwe like labika ngesigameko esifuze lesi ngo-Ephreli nonyaka, umfundi ka-matric eSiphapheme High, uZanele Khathi (18) owashaywa waklinywa yisoka KwaDumisa, eMzinto. Kule sigameko kwasolwa iskhwele kumsolwa.