Ngokwemibiko engenayo, mahlanu amatekisi aginqikile ngesikhathi kuzwakala ukuzamazama komhlaba emgwaqweni uBree, eGoli.
Abantu abaningi bacabange ukuthi kuyabaphinda ukuzamazama komhlaba okwenzeke ngenyanga edlule ezindaweni ezisempumalanga naleli dolobha.
Abezimo eziphuthumayo kumasipala waseGoli, babike ukuthi kuqhume igesi. Kusaphenywa ngobubanzi bomonakalo odalekile. Kunxuswa abantu ukuba bagweme ukuhambela kule ndawo. Kubikwa ukuthi lo mgwaqo uzovalwa amahora ambalwa namuhla njengoba kuzoqala umsebenzi wokutakula izimoto ezilimalile
Okhulumela abeCity Power uMnuz Isaac Mangena, uthe babone ngama-vidiyo ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sekunomonakalo odalekile edolobheni.
Uthi banoxhaxha lwezintambo zegesi ezihamba emathunjini omhlaba kuleli dolobha. Uthi akhona namapayipi amanzi agudla kule ndawo.
“Sinazo izintambo ezihamba ngaphansi komhlaba, likhona nepayipi le-Egoli Gas, eligudla eduze kwamapayipi ethu kagesi kanjalo nawamanzi,” kusho uMangena.
Uthe ngezansi komgwaqo kunesiteshi sikagesi esinama-transformer amane. Okwamanje ithimba lonjiniyela bakagesi namanzi baphuthuma endaweni yesigameko ukuyohlola umonakalo.
Tremor in jhb cbd? pic.twitter.com/Ly12kSLhUH
— Lungile (@LungiiieND) July 19, 2023
Kunxuswa umphakathi ukuba uhambele kude nale ndawo ngoba akwaziwa noma kusangaba khona okunye ukuqhuma njengoba kubonakala izinhlayiya zegesi eziqhumela phansi.
Imeya yaseGoli uKabelo Gwamanda, inxuse umphakathi ukuba uhambele kude nendawo njengoba kusanda kubhodloka umgwaqo.
“Ngiphuthuma endaweni yesehlo ukuhlola umonakalo odalekile.”
Imigwaqo ezovalwa nephazamisekile kulokhu kubalwa uBree & Simmons, Bree & Harrison kanjalo noLoveday.