UBESEHLALA ekubhaceni ngenxa yokwesaba, umfelokazi kasomatekisi okungqongqiswe umuzi namatekisi akhe, eRossboom eMnambithi ngeSonto ebusuku.
Lesi sigameko kusolakala ukuthi sihlobene nodlame oludla lubi, kusoseshini wamatekisi iKlipriver, osekuphangalale kulona abantu abane esikhathini esingangenyanga, okukhona kubo osomatekisi ababili, unogada nendodakazi yomunye wabo.
Ngesikhathi kushiswa umuzi wakwaMbhele, kushiswe namatekisi akhona amabili, okuvele ukuthi elinye belisegcekeni ngesikhathi ushiswa kanti elinye kukholakala ukuthi lishiselwe endaweni okuhlala kuyo umshayeli walo.
Ngokulandisa komthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa, kwenzeka lokhu nje kulo muzi, ubaba wekhaya akasekho njengoba ashona ngokugula eminyakeni edlule. Uthe umfelokazi obheke umsebenzi, muva nje ubengasalali ekhaya ngenxa yokwesaba kwazise kulo soseshini kudlange izigameko zokubulawa kwabasembonini yamatekisi kulo soseshini.
“Kuthiwa esigamekweni sokushiswa komuzi kaMbhele, kungene abebehlome ngezibhamu, bafica indodana yakhona eneminyaka ewu-17 ebisele yodwa. Bayiphoqe ukuthi ibavulele ezindlini, bachela uphethroli bangqongqisa impahla. Bashise netekisi ebelipake egcekeni,” usho kanje.
Uthe usola ukuthi lesi sigameko kungenzeka ukuthi sihlobene nodlame lwabamatekisi.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta uNkk MaSithole Mbhele ongumnikazi womuzi ongqongqisiwe, unqabile ukuphawula ngalolu daba.
“Ngeke ngiphawule ngalolu daba ngoba vele ukushicilelwa kwalo ngeke kungisize ngalutho,” kusho yena.
USihlalo wenhlangano yamatekisi i-South African National Taxi Council esifundeni uThukela, uMnuz Thembokuhle Ndawonde, uthe lolu daba bebesaluzwe ngamahemuhemu ngakho abanalo ulwazi oluphelele ngalo.
“Sizolinda ukuthi ilungu lethu lisazise ngokwenzekile sithole imininingwane yodaba lonke, okwamanje akukho ebesisenakho okubambekayo ngalolu daba. Sizozama ukuhlangana nomndeni,” usho kanje.
Kwenzeka lokhu bekusanda kubulawa elinye ilungu lesigungu esiphezulu kulo soseshini uMnuz Sifiso Hadebe nendodakazi yakhe, okuthiwa badutshulwa besemotweni emgwaqweni uSt Chad khona eMnambithi ngenyanga edlule. Ukubulawa kwakhe kwandulelwe ukudutshulwa kukaSihlalo wawo, uMnuz Bhekuyise Masondo nonogada wakhe, okuthiwa bangenelwa behlezi ehhovisi likasoseshini, badutshulwa ngabasolwa abangaziwa nabo ababulawe ngenyanga edlule.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokushiswa kwempahla esiteshini samaphoyisa eMnambithi.