IKHULUNYELWA phansi eyezinsolo zokuthakatha kudutshulwa, kubulawa abomndeni abathathu eMbulwane eMatimatolo ngeledlule.
Kulesi sigameko esenzeke ngoLwesine kushone uNkk Sibongile Mpungose (60), indodakazi yakhe uNksz Noluthando Mpungose (34) nomzukulu uZekhethelo Mpungose (6).
Kusinde izingane ezimbili, eyodwa eneminyaka engu-14, okubikwa ukuthi isesibhedlela, bese kuba eneminyaka eyisithupha, okuthiwa iphume ingenamyocu.
Kwesinye isigameko esenzeke emva kwalesi, kudutshulwe kwabulawa umakhelwane, uNkk Ngubane, okuvela ukuthi uhlala ngezansi kwakaMpungose.
Inkosi yesizwe, uMnuz Mpendulo Cele uthe uwuvakashele kabili umndeni wakwaMpungose kulandela isigameko kodwa lutho ukudalula ukuthi basolani ngenhlekelele.
“Noma umndeni ungakaze usitshele ukuthi kwenzekani kodwa into ekhulunywayo emphakathini, kuthiwa bayathakatha,” kusho uCele.
Uthe njengoba egcine eqothwa nendodakazi yakhe nomzukulu uNkk Mpungose, bese kungokwesithathu ehlaselwa ngokudutshulwa.
“Kulezi zikhawu ezimbili ezedlule ubelokhu esinda. Esinye sazo senzeka eminyakeni emihlanu edlule, kwathi esinye senzeka eminyakeni eminingi ngaphambi kwalokho, nami ngangisafunda enyuvesi, ngingakahlali esihlalweni,” kusho uCele.
Nokho uthe uyawukhuza umoya wokunukana kwabantu ngokuthakatha endaweni, wathi kufanele bayiyeke inkoleloze yokuthi uma omunye umuntu engcono, bese kucatshangwa ukuthi uyathakatha.
Uqhube wathi ubize imbizo kule ndawo ngoLwesihlanu ukuze kuzobhungwa ngesigameko kanjalo nenkolelo yobuthakathi endaweni.
Isihlobo esicele ukungadalulwa sithe basadidekile ukuthi izothiwani indaba yezingane ezimbili ezisinde esigamekweni njengoba zisencane futhi zifunda endaweni.
“Asikakazi ukuthi uma sithi aziqhubeke zihlale kuleli khaya zizohlala nobani njengoba abantu abadala abebekhona bebulewe,” kusho isihlobo.
Uthe basadidekile ukuthi abafi babulawelweni, wanxusa amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo ukuthola abenzi bobubi.
UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe bayasigxeka isehlakalo.
“Ukubulawa kwabesifazane ngesihluku esinje kukhombisa ngokusobala ukuthi kuningi okonakele emphakathini futhi kudinga ukulungiswa masinyane. Sinxusa amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukuthola abasolwa,” kusho uButhelezi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMatimatolo aphenya amacala amathathu okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.
“Imbangela yokubulala ayikaziwa okwamanje, amaphoyisa aphansi phezulu acinga abasolwa,” kusho uNetshiunda.