KUSOLWA izidakamizwa kudutshulwa kubulawa abayisithupha okuthiwa bahlaselwe ngoMgqibelo ebusuku emzini othile eMbumbulu.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, amaphoyisa aseMbumbulu aye kule ndawo yesehlo emuva kokuthola umbiko. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko azithele phezu kwezidumbu ezine zingaphakathi ekamelweni, omunye kuthiwa utholwe ngasesangweni kwathi umnikazi womuzi watholwa eseshonile endaweni ebudebuduze nendlu yakhe. Kwababulewe kuthiwa kukhona nezelamani zabesifazane oneminyaka engu-21 noneminyaka engu-16.
Kuthiwa amalungu omphakathi athe azwe ukuqhuma kwesibhamu ngoMgqibelo ebusuku kodwa izidumbu zize zatholwa ngeSonto ekuseni.
Kuvele ukuthi umnikazi womuzi okuthiwa uneminyaka engu-35 usolwa ngokubandakanyeka ezigamekweni zobugebengu okubalwa izidakamizwa nokwebiwa kwamakhebula.
UNetshuinda uthe okwamanje ayikaziwa imbangela yokubulawa kwabo kodwa ngeke bakuphike ukuthi kungase kwenzeke ukuba kuhlobene nokudayiswa kwezidakamizwa.
Imizamo yokuthola abomndeni womnikazi womuzi ukuze baphawule ayiphumelelanga.
Ikhansela lendawo uMnuz Sphephelo Mnyandu lithe lizwile ngesigameko.
“Sithole ukuthi kukhona oyedwa osindile okuthiwa udubuleke kabi, inhlamvu yabhajwa entanyeni . Kumanje welashwa esibhedlela,” kusho uMnyandu.
Uthe amalungu emindeni athe adidekile ukuthi babulawelani abagilwa njengoba bona bazi ukuthi bebezwana nawo wonke umuntu endaweni.
Kwenzeka lesi sigameko nje ngoMgqibelo eMorningside eThekwini amaphoyisa atholane phezulu nabasolwa kwagcina kudubuleke kwafa abahlanu. Ngokwesitatimende samaphoyisa abasolwa ababulewe bathinteka ezigamekweni zokudubula ebezenzeka esifundazweni kanye nasemacaleni athinta izidakamizwa. Badubulane namaphoyisa emuva kokuboshwa komunye osolwa ngokudayisa izidakamizwa ngawo uMgqibelo ekuseni ngesikhathi kunomkhankaso oholwa ezobunhloli. Laba badutshulwe ngesikhathi amaphoyisa ophiko oluphenya ngamacala athinta amaqembu ezigelekeqe ephenya ngabasolwa ngokubulawa kwabathathu bomndeni abadutshulwa behamba ngemoto ngoLwesibili emasontweni amabili edlule.
Kwababulawa kukhona owesilisa owayesolwa ngokuba ubhongoza wezidakamizwa eChatsworth, inkosikazi yakhe nendodakazi yabo eneminyaka eyisishiyagalolunye.
UNetshiunda uthe abasolwa abatholane phezulu namaphoyisa kubashele ngesikhathi kubonwa imoto efana neyabonakala esigamekweni sokudubula eSpringfield. Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezinkulu ezintathu nama-pistol amabili, imali nezidakamizwa ezibiza imali engadalulwanga.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele uthe ukubulawa kwabasolwa kuzothumela umyalezo oshubile kuzo zonke izigebengu.