ITHUKUTHELE igane unwabu indodana yowesifazane waseMlaza esola isoka likanina ngokushisa umuzi lashaya nonina.
UMnuz Sbongiseni Khanyase (31) wakwa C eMlaza, uthe ngoLwesihlanu phakathi kwamabili, ngenkathi elele ekamelweni lakhe wezwa umuntu wesifazane owayememeza emgwaqweni exwayisa ngokuthi abavuke kuyasha.
Uthe wathi uma ephuthuma eyobheka ngoba ulala endlini engaphandle, wafica indlu enkulu ivutha amalangabi.
“Akuzange kufike emqondweni ukuthi indlu yethu eshayo ngoba ngangingalindele lutho,” kuchaza uKhanyase.
Uthe lokhu kwenzeka nje, unina wayexabane nesoka lakhe ngoLwesihlanu ntambama.
“Isoka likamama lafika ngoLwesihlanu ntambama lathenga utshwala labuphuzela egcekeni base beyaxabana.
“Umama wayelikhuza ngoba lalizama ukungena ngenkani ekamelweni lakhe, elitshela ukuthi alihloniphe ngoba kukhona izingane.
“Ngezwa umsindo kanti isoka selishaya umama, ngalibamba ngalikhiphela emnyango okusho ukuthi labe seliyadinwa ukuthi siyalixosha laduba lahamba,” kuchaza uKhanyase.
Uqhube wathi isoka laphinde labuya ebusuku lazoncenga, lifuna indawo yokulala wabe eseyalidabukela unina ngoba lihlala eFolweni, wathi alilale lizohamba ekuseni.
“Salivumela ukuthi lilale umama wabe eselala endlini engaphandle ngoba wayekade egade izingane ezimbili zikamfowethu ngoba wayengekho futhi sasisaba ukuthi lizophinde lizame ukumhlasela ebusuku silele.
“Kwathi sisalele laphuma layoshaya isicabha salapho okulele khona umama limthuka lithi akavule labe selisonga ngokuthi lizombulala,” kuchaza yena.
Uthe emva kwakho konke lokhu balixosha balitshela ukuthi abalidingi egcekeni, laduba lahamba.
“Kwathi uma kwenzeka lesi sehlakalo kwavele kwaba sobala ukuthi uyena oshise indlu ngoba ngaphambi kokuthi silale sasicishe yonke into kagesi endlini.
“Sathi siqeda ukucisha umlilo nomakhelwane ngathola ucingo oluvela enombolweni engingayazi, ngathi uma ngilubamba ngathola ukuthi yilona isoka.
“Ngathi uma ngilibuza ukuthi liyishiselani indlu laphendula lathi kusekuncane lokhu esikubonayo okulandelayo lizobuya lizosiqotha ngesibhamu, kwavele kwaba sobala ukuthi uyena oshisile ngoba akazange aphike kunalokho wazivumela ngokwakhe,” kuchaza uKhanyase.
Uthe baya ukuyovula icala esiteshini samaphoyisa eMlaza abatshela ukuthi awakwazi ukubasiza ngoba umsolwa owaseFolweni ngakho kumele baye emaphoyiseni akhona ukuze basizakale.
Uthe ngoMgqibelo ekuseni esaphelezele izihlobo ezazizobheka umonakalo, wathola ucingo oluvela kumakhelwane emtshela ukuthi akaphuthume umphakathi ujaha isoka ngoba selifike lahlasela unina walimala.
“Ngamfica elele phansi egxaza igazi ekhanda ngamphuthumisa esibhedlela, odokotela bathe isimo sibi kanti ulimale kakhulu kwesingezansi ngoba okwamanje akakakwazi ukuhamba,” kuchaza uKhanyase.
Uthe umphakathi uyaqhubeka nokuthungatha isoka elisagcwele amathafa.
Uqhube wathi okumphatha kabi kakhulu ukuthi unina uyena muntu obheke ikhaya njengoba esebenza emakhishini kanti yena nomfowabo baziphilisa ngokuphanta ngakho abazi ukuthi bazowatholaphi amandla okwakha kabusha ngoba kushe yonke into.