UMNDENI usola isoka eliyiphoyisa, ngemva kokubulawa ngesihluku kowesifazane obekulindeke ukuthi atete amawele. Isidumbu sakhe sitholakale ngoMsombuluko ekuseni, sidindilizile eceleni komgwaqo buqamama nomuzi wakubo eHlanzeni, ngaseXobho.
Kuthiwa bekulindeleke ukuthi uNksz Busisiwe Ngubo (35), ayohlinzwa esibhedlela ngoMsombuluko ngoba bese kuyisikhathi sokuthi abelethe amawele. Akubange kusenzeka lokho ngoba isidumbu sakhe sitholakale ngoMsombuluko sidindilize eduze nomgwaqo, sinezibazi zokuklinywa.
Umndeni usola isoka likamufi elisebenzela esiteshini samaphoyisa eKokstad (igama lalo eligodliwe), ebelizoba nguyise wezingane ngalesi sigameko.
Umzala kamufi uMnuz Mandla Ngcobo, uthe bekuyoshaya u-8 ebusuku ngeSonto, ngesikhathi umufi ebikela abebesekhaya ukuthi uyohlangana nesoka elimfonelile licela ukumbona, kanti bese livele limlinde ngaphandle kwesango lomuzi ngemoto.
“Kuthiwa uphume nje ezigqokele izingubo zokulala ngoba bekuwumuntu obuyayo ozojika esangweni kodwa kwabonakala engabuyi. Ekhaya abazange banake ngoba vele ubeshilo ukuthi uya esokeni lakhe esangweni bacabanga ukuthi kungenzeka uhambe nalo lizombuyisa ekuseni ngoba bese kunesikhashana bethandana futhi owesifazane ekhulelwe izingane zalo,” uchaza umzala kamufi.
Uqhube wathi kuse ngokunye ngoMsombuluko ekuseni, ngesikhathi amalungu omphakathi ehlaba umkhosi ngesidumbu azithele pheze kwaso sidindilize eduze komgwaqo, ebangeni elangangekhilomitha ukusuka kubo kamufi. Kuthe uma abomndeni ebabela khona bathola ukuthi yisidumbu selungu lawo. Umufi kuthiwa ubeyinsika yekhaya ngoba bekunguyena kuphela obebamba amatoho angatheni kamasipala, ondla unina, ingane yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili, nabafowabo ababili abakhubazekile. Kumanje kuthiwa umndeni ukhungathekile futhi kawazi ukuthi uzohlangabezana kanjani nezindleko zomngcwabo zikamufi nezingane ezimbili ezingamawele, abulawe ezoziteta.
UNgcobo uveze ukuthi nakuba bekungekho okutheni abakwaziyo kodwa abangani bakamufi bakuvezile ukuthi ubebaxoxela ngokuhlala ngokuhilizisana nesoka lakhe kangangokuba ubesefuna ukulilaxaza.
Imizamo yokuthola omunye wabangani bakamufi ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe beluvaliwe, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Umfowabo kamufi uMnuz Sigodo Ngubo, uthe isoka likadadewabo selokhu kwenzeke isigameko, alizange lifone noma livele ukuzobabaza. Uthe kukhona omunye emndenini olifonelile walazisa ngokwenzekile, kodwa lagcina lithembise ukuthi liyeza, alangafika.
Kuthintwa isoka, lithe ngeke liphawule ngesigameko ngoba sisaphenywa.
Yize umndeni ulisola kodwa okhulumela uphiko oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate, uMnuz Robbie Raburabu, uthe okwamanje kazikabibikho izinkomba eziqinisekisa ukuthi lihlangene nokubulawa kowesifazane ngoba akusetshenziswanga isibhamu ekubulaweni kukamufi. Uthe kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuqoqa olunye ulwazi
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza usigxekile isenzo.
“Sifuna kwenziwe ubulungiswa kuleli cala. Owenze lokhu, kumele abhekane nomthetho ngoba umphakathi ngeke uzibekezelele izenzo zodlame. Wonke umuntu kungakhathalekile ukuthi ungowabuphi ubulili, kumele aphile ngaphandle kokwesaba,” kusho uNkk Khoza.
Udlulisele amazwi enduduzo emndenini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseXobho aphenya icala lokubulala, ngemva kokutholakala kwesidumbu okusolakala ukuthi siklinywe ngumsolwa ongaziwa.