KUSOLWA ukugajwa yisikhwele kowesilisa okuthiwa uzibulale ngokuzingqongqisa nomjondolo, eThandanani, eVerulam ngoMgqibelo ekuseni.
UMnuz Tatenda Kare (24) okuthiwa ungowokufika kuleli odabuka eZimbabwe, kuthiwa bekusaphele inyanga eyodwa kuphela ethandana noNksz Celi Dlamini abagcine sebehlala ndawonye emzini kadadewabo wentombi, kodwa washeshe waliwa okuvela ukuthi intombi beyicikwa yisikhwele sakhe esingalawuleki.
Ngaphambi kwesigameko okukholakala ukuthi esokuzibulala, kuthiwa uKare ubekade encenga uNksz Dlamini ethi ababuyelane, kodwa engavumi.
Umngani kaKare uMnuz Daniel Mbanyere uthe umufi ngoLwesihlanu ufike ephethe imali u- R1100, okuthe uma ethi akarente ngayo wanqaba wathi uzoyoyinika intombi yakhe (uNksz Dlamini).
“Ubehleze ebalisa ngentombi yakhe ethi uyayithanda esonga nangokuthi uzozibulala kodwa singanaki ngoba besazi ukuthi basathandana. Uqale ukukhuluma ngokuzibulala emasontweni amabili edlule, singamkholwa, futhi ubesho ukuthi uzozibulalela endlini yentombi yakhe,” usho kanje.
Uthe uthathe imali wehlela endaweni yokucima ukoma lapho bekuhleli khona intombi yakhe nabanye, kanti kuthiwa ufike wabathengela inyama notshwala ngalo uLwesihlanu okuvele ukuthi kuphuzwe kwaze kwasa.
UMbanyere uthe umufi ubuyile ekuseni engasenamali wacela ukuthi bamboleke umentshisi kodwa bathi abanawo, wehlela ngezansi okukholakala ukuthi bafike bamnikeza ngoba bekuwumuntu obenza sengathi ufuna ukubhema, wawuthatha wawelela nawo emjondolo wentombi ongaphesheya, wazivalela wokhela umlilo.
Ngesikhathi Isolezwe likhuluma noNksz Dlamini uthe wayekomunye umuzi ngesikhathi uKare ezibulala.
“Bese singasathandani, sithandane nje inyanga eyodwa ngamala ngoba bekuwumuntu othanda ukulwa onodlame enesikhwele kakhulu. Ubengafuni nokuthi ngibingelelwe umuntu wesilisa uma ekhona efuna ngihleze ngiseduze kwakhe. Umjondolo azibulalele kuwo bengingasahlali kuwo bengilala endlini kadadewethu, kodwa bengishiye umbhede kuphela,” kusho uNksz Dlamini.
Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa lithe bezwe ngesililo, okuthe uma bezama ukuyosiza kwatholakala ukuthi umnyango uvaliwe.
“Sizamile ukucisha ngamanzi kodwa umlilo ubusuqhuma phezulu kwazise umjondolo owamapulangwe. Kuthe noma bezama ukukhahlela isicabha besinganyakazi sivalwe kwaze kwabekwa umbhede,” usho kanje.
Imizamo yokuthola amaphoyisa ukuze aphawule ngesehlakalo ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.