UPHITHENE amakhanda umndeni wowesifazane wasoShabeni, ePort Shepstone, osekuyisonto lesibili edukile okuthiwa ushiye incwajana esonga ngokuziphonsa eweni okungayi elibuyayo kulo, nokusolwa ukuthi ugajwe yisikhwele sesoka ebeseliqonyiwe.
Umndeni kaNkk Nosihle “Nono” Khuboni-Sengane (33), uthe usumthungathe wancama, kangangoba naseweni ayesonge ngokuziphonsa kulo Ophengeni, amaphoyisa asezame nangezinja zomkhondo kodwa abuya elambatha.
Kuthiwa ubeseceliwe yisoka elisha emva kokushona komyeni wakhe, oshone eminyakeni edlule, kanti beseziphothuliwe nezingxoxo zokuthunyelwa kwabakhongi obekulindeleke bafike namalobolo ngePhasika.
UNkk Samke Khuboni ogane umfowabo, uthe uskwiza wakhe uhlala naye emzini kamfowabo selokhu abuya emzini emva kokushona komyeni. Ungumuntu ofihlayo, ohleze ezihlekela okungelula ukubona uma kukhona into emdlayo.
“Sitholile ukuthi kube nengxabano emva kokuthola ukuthi isoka lakhe liqonyiwe. Sengathi ushaye ucingo labanjwa yintombi engikholwa ukuthi leyo nto uyithathe ngamawala ngenxa yesikhwele, wabona kungcono athathe lesi sinqumo. Sesimbheke yonke indawo kangangoba nesoka lakhe liyafika sizocinga nalo kodwa awukho umkhondo esiwuhoshayo kuze kubemanje,” usho kanje.
Uthe ukugcina ukubonakala, ubekade ephelezele ingane yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye eyoyigibelisa izimoto isiphindela kubo kaSengane lapho ayeganele khona kwazisa ihlala khona, wabuya kodwa waphinde wanyamalala eshiye zonke izingcingo zakhe.
Ugcizelele ukuthi ubewumuntu obengazuli, ezihlalela ekhaya futhi enomngani oyedwa abamaziyo, naye okhungatheke kanye nabo. Uthe ubephuma uma eya esontweni noma eyohlangana nesoka lakhe nalapho ubesho uma ezohamba.
Encwadwini okuthiwa uyibhale wayishiya kubo Isolezwe eliyibonile, ibhalwe kanje;
“Bafowethu umhlaba ungehlule. Uma nifica ngingekho ningethuki, sengifuna ukuphumula manje… Iyobonana kwelizayo uma iNkosi isasigcinile. Ngicela ningishayelele ucingo uNhlanhla (isoka), nimtshele ukuthi ngiyohleze ngimthanda, ningivalelisele nasenganeni yami,’’ okunye okubhalwe kule ncwadi.
Kule ncwadi, obhalile unxuse ukuthi umndeni ulivumele isoka lakhe libambe iqhaza uma kwenziwa amalungiselelo okungcatshwa kwakhe.
UNksz Sindi Sengane okuwuyena onamathelise ezinkundleni zokuxhumana ecela ukufuniswa, uthe uNkk Khuboni-Sengane ongunkosikazi kamfowabo ongasekho, uthe ukewaba nemicabango yokuthi kungenzeka mhlawumbe uphathwe kabi ukuthi kuzoba nomhlangano wemindeni, owakwaKhuboni nowakaSengane. Bekuzodingidwa udaba lwamalobolo njengoba besekudingeka alotsholwe lapho abeshadele khona, kodwa wabuye wayiphepheza kwazise bekuyinto obekumele imhluphe ngoba ayikho kakhulu ngaye.
“Sigcina ukuxoxa naye bekumuntu okhululekile nje ongakhombisi lutho, ngakho ngisashaqekile ukuthi yini lena eyayimudla engadala ukuthi adlinze ngokuzibulala pho? ” kusho uNksz Sengane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kubikwe ngokulahleka komuntu, esiteshini samaphoyisa eMehlomnyama, wathi ukuthungatha kusaqhubeka njengoba engatholakali