UKUNGAHOSHELANI kwabomndeni wakwaKhumalo eMsinga, KwaMajozi, esigodini iMazabeko, yikho okusolwa ukuthi kuholele ekuphumeni kwesidumbu, kudutshulwa kufa omunye wabo, kubuka abantu emshadweni emzini wakwaMabaso, endaweni.
Elandisa Isolezwe ngesigameko, uMnuz Mbhekeleni Khumalo onguyise kamufi, uMnuz Thubelihle Khumalo (25), uthe indodana yakhe ibivakashe ekhaya njengoba bekuyimpelasonto yeholidi lokubungaza igalelo labantu besifazane, ukuzobabona ekhaya, ngoba ibisebenzela eGoli, ihlala ehostela i-Denver.
“Bengingekho kulowo mshado kodwa ngibikelwe ukuthi kube nokuhilizisana phakathi kukaThubelihle nomunye umfana obehamba nabafowabo ababili bozalo. Kuthe engazelele umfana wami, eme kwenye yezimoto ebezisemshadweni, bamdubula esiphundu, edutshulwa womunye wabafowabo kubuka wonke umuntu. Basuke lapho bakhala amaphepha, bemshiya efile. Kumanje bagcwele izinkalo, akwaziwa ukuthi babaleke, bashona kuphi,” kulandisa uKhumalo.
Eqhuba, uthe usola ukuthi ukwenzeka kwesigameko bekuvele kuyitulo ebeliboshelwe umufi njengoba bekunezingxabano zomndeni, waveza nokuthi abanye bomndeni bebesola umufi ngokuba yimpimpi yamaphoyisa.
“Bekusanda kugasela amaphoyisa emzini wabafowabo esibasola ngesigameko, ashaqa izibhamu zabo kubona, ababopha. Ngiyazi futhi ukuthi bekusolwa ukuthi wuyena owabampimpa emaphoyiseni. Bamdubula nje, bebesanda kuphuma ejele ngamacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni. Ngisola ukuthi le ndaba isukele lapho,” usho kanje.
Uthe kuyamkhathaza ukungahoshelani kwabomndeni wakhe awuchaze ngokuthi wumndeni omkhulu onamalungu amaningi, ngokwehlukana kwezindlu nokuzaleka kwabo.
“Ukungezwani komndeni wami kuqale ngenkathi kubulawa omunye wabafowethu eGoli, ngoMashi, nonyaka. Kwaba nokusolana emndenini ngokufa kwakhe, njengoba sesilana esikhona manje. Kumanje asithembani sisodwa,” usho kanje.
UKhumalo uthe bakhona abomndeni asebefikile ukuzobabaza umhlola owenzekile wokufa kwendodana yakhe, eshiye emhlabeni ingoduso nezingane ezimbili. Uthe yize kunjalo kodwa ukholwa wukuthi kunabathile abajabule ngokumehlele.
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNhlanhleni, aphenya icala lokubulala mayelana nesigameko sokudutshulwa, kwafa umlisa oneminyaka ewu-25 eMazabeko, eMsinga, ngoMgqibelo.