INJA ebikade idlala ngogebhezi lomuntu egcekeni iholele ekutheni amaphoyisa athole amathambo omuntu ehlathini.
Kubikwa ukuthi isehlakalo senzeke emzini osemgwaqweni uConifer Drive eManzimnyama, oThongathi, ngoLwesithathu.
Kusolakala ukuthi amalungu omndeni abone enye yezinja zawo iphethe ugebhezi obekusolakala ukuthi ngolomuntu.Umndeni ufune usizo, kwase kutheleka inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa).
Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram uthe bafike kulo muzi bathola ugebhezi lomuntu otshanini obusegcekeni.
“Sibikelwe wumnikazi womuzi ukuthi izinja zakhe ezimbili kwezintathu zinomkhuba wokuphumela ngaphandle kwegceke zisebenzisa imbobo esocingweni olubiyele umuzi ziye ehlathini eliseduze nomuzi,’’ kuchaza uBalram.
Uqhube wathi lo mndeni ukholelwa ukuthi izinja ziphumile zaya kuleli hlathi ngesikhathi bona besalele zathola ugebhezi lomuntu zabuya nalo zeza egcekeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu -Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa avule idokodo lokushona komuntu emva kokutholakala kwamathambo.
ULt Col Gwala uthe kubizwe amaphoyisa ophiko iK9 nawasesiteshini sasoThongathi afike asesha kule ndawo athola amathambo omuntu.
“Kuzokwenziwa ulibofuzo ukuze kutholakale ukuthi amathambo akuwona yini awomuntu okwabikwa ukuthi ulahlekile ngoNovemba 2022,” kusho uLt Col Gwala.