BAKHALE ngokungalutholi usizo ebebeludinga emaphoyiseni, kutholakala isidumbu sikamfundisi wesonto lamaZayoni, iGalile Labezizwe edamini laseNanda ngeSonto ebusuku.
Isidumbu sikaMnuz Khumbulani Sibisi sitholwe ebangeni elingangamakhilomitha ayisikhombisa ukusuka lapho abeminze khona nelinye ilungu lebandla ngoLwesine kuyothandazwa.
Ilungu lebandla, uNksz Busi Mazibuko, litholakale ebangeni elingamakhilomitha ambalwa ukusuka lapho liminze khona, ngosuku lwesigameko, selishonile.
Indodana kaSibisi, uMnuz Sboniso Sibisi, ithe akubaphathanga kahle ukuthi bazitholele uyise, besizwa amalungu ebandla abelokhu enkanise eduze kwendawo yesigameko kusukela ngoLwesine.
“Sawabikela amaphoyisa, eza kodwa athi amanzi angcole kakhulu, ngeke akwazi ukungena asicingele ubaba. Kwaphinde kwafika amanye, ephethe imishini ethize, athi iyakwazi ukusho uma kukhona isidumbu emanzini, athi uma eqeda ukuyisebenzisa, athi ubaba akekho emanzini,” kusho uSibisi.
Uthe ukuba afika nezinja ezihogela umkhondo, angena nazo emanzini, angamthola ngabe bagculiseka kodwa ukungangeni kwawo nhlobo emanzini kubashiye nezilonda.
Uthe sebebonga ukuthi utholakale engakonakali noma engakadliwa yizilwane zamanzi.
Ephawula ngodaba lokuminza kwabafi beyothandaza, uthe bakubuka njengento eyibhadi ngoba akukhona okokuqala uyise, athe akayena nje umfundisi kuphela kodwa ubuye abe wumthandazi, eyokwenza izinsebenzelo zasemanzini.
“Ubaba lo msebenzi wokwelapha abantu wamkhipha enyuvesi ngo-1988. Yonke le minyaka besihlale sihamba naye siya kokwenza izinsebenzo zasemanzini olwandle, empophomeni nakhona edamini,” kusho uSibisi.
Uthe emva kwesigameko, bafikelwe umcabango wokuthi mhlawumbe ukumuka kukayise noNksz Mazibuko kunento yokwenza ‘nomnikazi’ wedamu, athe mhlawumbe ubenolaka, engafuni kusondele muntu eduze kwalo ngosuku lwesigameko.
“Nami ngazama ukubahlenga. Kukhona lapho abakwazi ukubambelela khona kimi bobabili, ngapha nangapha kodwa ngezwa nami ukuthi kukhona into engidonsayo, ngathi ngizama ukutibula nabo, badedeleka, basala emanzini,” kusho yena.
Ngesikhathi elandisa Isolezwe okokuqala ngesigameko, uveze ukuthi uNksz Mazibuko owashelela waphonseka emanzini, wahamba nawo kanti uyise waminza ngesikhathi ethi uyangena, uzama ukuhlenga uNksz Mazibuko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseNanda aphenya idokodo lokufa komuntu elivulwe emva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa.
“Amaphoyisa abizelwe edamini laseNanda ngaseSikebheni emva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa,” kusho uConst Ngcobo.