ISEYIVA elingabanguleki eyezinsizakusebenza emakomitini omphakathi alekelela amaphoyisa empini yokulwa nobugebengu.
Lokhu kuvezwe yimindeni yamalungu amakomiti abulawe yizinswelaboya ngenxa yokuba sekhaleni lokulwa nobugebengu emphakathini.
UMnuz Mthandeni Nkabinde ongumfowabo kaMnuz Bheki Nkabinde (41) waseNtuzuma Training, uthe bayafisa ukuthi uhulumeni awabhekelele abamakomiti ngezinsiza ngoba baphuma bayobhekana nezigebengu ezihlome ngezikhali eziyingozi bona bephethe imishiza.
“Basebenza ngokuzikhandla bekhathazwa ukungaphephi kwamalungu omphakathi kodwa uma sikhuluma iqiniso basuke bebeka eyabo impilo engozini ngokwenza lokho ngoba bagcina bengasebahle emehlweni ezigebengu,” kusho uNkabinde.
Uthe phakathi kwezinto okufanele ingabe bahlinzekwa ngazo, izimpahla zokuqapha, ezizokwenza bagqame ukuthi basebenzela umphakathi, amaselula ane-airtime ukuze bakwazi ukusheshe babizane uma kunesimo esidinga bahlangane endaweni ethile ngokuphuthuma.
“Uma kungenzeka, bangahlinzekwa ngisho nangezimoto. Mhlawumbe kube nezimoto ezimbili iwadi newadi, ukuze uma bebizana, kube lula ukuthi basheshe bafike lapho bebizwa khona, ubugebengu bungakahambi ibanga elide,” kusho uNkabinde.
Ubuye waphawula nangokuthi kungalekelela kakhulu uma benganikwa nezibonelelo ezincane ukubagqugquzela ngoba abakwenzayo basuke bekwenza kusuka othandweni.
UMnuz Andile Jali weNeighbourhood Watch eNtuzuma, uthe kubalekelele kakhulu ukulethwa kweNational Intervention Unit (NIU).
“Kudala sasho ukuthi isiyadingeka kulezi zindawo ezisenyakatho neTheku. Lo muntu nje osanda kubulawa ubenohlu lwamalungu ama-neighbourhood watch ehlukene nawama-CPF (Community Policing Forum) abefuna ukuwabulala,” kusho uJali.
Uthe ukuqothwa kwabo bekuhambisana nenhloso yokubagudluza njengoba bekubonakala beyisithikamezo ukuba khona kwabo emphakathini beqapha ubugebengu.
Uveze ukuthi eNanda, KwaMashu naseNtuzuma cishe sekubulewe amalungu alezi zinhlaka angaphezu kuka-14 kusuka nyakenye. Phambilini, Isolezwe like labika ukuthi abayisithupha kulaba abaseBhambayi, eNanda, ababulawe kusuka ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Nokho ekuncomeni kwakhe ukusebenza kwe-NIU, uthe banomuzwa wokuthi kuphuzile ukutshalwa kwayo ukuze izongenelela kulesi simo.
“Baningi asebebulewe. Akuqhubeke kungami ukutshalwa kwayo ngoba kuza uDisemba manje. Siyayidinga kakhulu ukuze abantu babhiyoze ngokukhululeka,” kusho yena.
Uphethe ngokuthi bayezwa kuthiwa uhulumeni uyalubhunga olwezinsizakusebenza zabo nezibonelelo, wathi basalindile ukubona ukuthi bazonikezwani.
Okhulumela uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, uNksz Lirandzu Themba, uthe uhlaka lweCPF lubaluleke kakhulu ekuqashweni kobugebengu.
“Ngesikhathi ethula isabelomali sakhe nonyaka ungqongqoshe uklame uR70 million okokuqala ukuze kwesekwe abeCPF ngezinsizakusebenza,” kusho uNksz Themba.
Uthe lolu xhaso kuhloswe ngalo ukuthi kuthengwe izinto ezifana nezimoto, ama-laptop, amathoshi, amajakhethi agqamile azokwenza kube lula ukuthi amalungu omphakathi awabone kalula amalungu eCPF nokunye.
Uqhube wathi banesiqiniseko sokuthi lokhu kuzosiza ukuthi amalungu alezi zinhlaka azizwe enazo izinsiza zokulwa nobugebengu.
“Siyafuna kube khona ukubambisana okuqinile phakathi kwalezi zinhlaka namaphoyisa ukuze kuqiniswe ezokuphepha,” kusho yena.
Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi, uMnuz Kwanele Ncalane, akazange ayiphendule imibuzo athunyelwe yona ngoLwesithathu ngalolu daba.