ABENZA ucwaningo ngokubiza kokudla bathi awukho umehluko ozokwenziwa wukudlondlobala kwamandla emali kubantu bakuleli.
NgoLwesithathu, iStatsSA sikhiphe izibalo eziveze ukuthi amandla emali asuke ku-5.3% ngoMashi aya ku-5.2% ngo-Ephreli.
UMnuz Meryvn Abrahams obhekelele ukusebenza kwe-Pietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, eyenza ucwaningo ngentengo yokudla, uthe okwamanje akukho okuzojabulisa abantu ngoba amaveji nokunye ukudla kusaqhubeka nokumba eqolo.
“Siyakwamukela ukuthi amandla emali athe ukudlondlobala kodwa lokhu ngeke kwehlise umthwalo emahlombe abantu bakuleli abathwele kanzima ngenxa yokubiza kwempilo. Amaveji asetshenziswa njalo okubalwa amazambane, u-anyanisi, u-pepper nokunye kusabiza. Igilosa yomndeni ibiza uR5 336.31. Lokhu kusho ukuthi abantu bathwele kanzima kanti njengoba amaveji esabiza, awukho umehluko ozokwenzeka ngezibalo zakamuva zamandla emali,” kusho u-Abrahams.
Uthe mhlawumbe umehluko uzobakhona uma sekuvunwe amaveji atshalwe manje ebusika.
Ugqugquzele abaqashi ukuba banyuse amaholo abasebenzi ukuze bakwazi ukuba nemali eyanele yokuthenga ukudla.
“Uhulumeni naye kufanele anyuse izibonelelo ukuze abantu bakuleli bezokwazi ukuthola ukudla okunomsoco. Okwamanje kuyabiza ukuphila eNingizimu Afrika,” kusho u-Abrahams.
USolwazi Bonke Dumisa, oyisazi somnotho esizimele, uthe izibalo zakamuva zamandla emali zisho ukuthi abantu bakuleli akufanele balindele ukuthi kwehle imali-mboleko.
Uthe ibhange lombuso iSouth African Reserve Bank (Sarb), lifuna amandla emali abe phakathi kuka-3% no-6%.
“Angiyiboni iSarb yehlisa imali-mboleko kulo nyaka ngoba ukuze inyakaze kuyodingeka ukuthi amandla emali abe ku-4.5%. Abantu abaqhubeke nokubopha izifociya ngoba iqiniso lithi okwamanje ngeke yehle imali mboleko,” kusho uDumisa.
UNksz Koketso Mano oyisazi somnotho eFNB, uthe abalindele ukuthi amandla emali adlondlobale kakhulu ngoMeyi, kodwa balindele ukuthi uphethroli uqhubeke nokwehla uma udlame lwaseMiddle East luba ngcono.
Naye uthe imali-mboleko abalindele ukuthi yehle okwamanje mhlawumbe ingaze yehle makuphela unyaka.