KUQUBUKE inkulumompikiswano eshubile phakathi kommeli, u-Adv Charles Mnisi nofakazi ongaphambi kwenkantolo njengamanje kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa, uMnuz Mthokozisi Thwala izolo.
UMnisi ubeqhubeka nokupheka ngemibuzo uThwala, owayengumngani kaMeyiwa, owayekhona endlini ngosuku okwabulawa ngalo lesi silomo sebhola ngo-Okthoba 2014.
UMnisi uthe uma kuqhubeka icala, umshushisi uzobiza abanye ofakazi abazofika bazochaza ukuthi kwenzekani ngosuku lwesigameko, okuyisitatimende uThwala angezwakali esho lutho ngaso.
Eqhubeka uMnisi uthe omunye wofakazi akhuluma ngabo nguZandi Khumalo, ongudadewabo womculi owayeyintombi kaMeyiwa, uKelly Khumalo.
“UZandi Khumalo uzofike athi kunomuntu owangena eshwiba isibhamu, emva kwalokho uLongwe (Twala) wamgxhumela, ngaphambi kokuba aphume endlini,” kusho uMnisi.
UThwala, uKelly, uZandi noLongwe Twala, oyindodana kaChico Twala, bangabanye bofakazi ababesendlini ngesikhathi kubulawa uMeyiwa kubo kukaKelly eVosloorus eGauteng.
UMnisi uqhube wathi uZandi uzobuye aveze nokuthi uKelly (Khumalo) wabaleka waya ekamelweni eliseduze nekhishi, umsolwa wesibili wamlandela, wazama ukuvula isicabha esase sivalwe nguKelly.
UThwala uphendule ngokuthi: “Ngicela ukungaphawuli ngokusazoshiwo nguZandi. UZandi akeze la engihleli khona naye, azoziphendulela.”
UMnisi uphendule ngokuthi uma uThwala esho kanjalo, uthatha ngokuthi uThwala uthi lokhu okubhalwe esitatimendeni kuyiqiniso, ngeke akwazi ukusho lutho ngakho?
“Ngibona sengathi awunalo iqiniso, ufuna ngiphawule ngento ezoshiwo nguZandi, ngingaphawuli ngalokhu engithi mina ngakubona? Ufuna ngiziphikise mina? Noma ufuna ukuthi ngisho okuthile ukuze uma sekufika uZandi lana, bese uthi mina ngathi?” kubhoka uThwala.
UMnisi uphendule ngokuthi indlela enza ngayo ivumelekile enkantolo.
“Angisho ukuthi qinisekisa noma cha, ngifuna usho ukuthi lokhu okushiwo nguZandi ngabe yindlela owabona ngayo yini nawe,” kuphikelela uMnisi.
Kungenelele uMshushisi wombuso u-Adv George Baloyi othe uThwala ubesechazile phambilini, ukuthi okunye okwenzeka ngesikhathi kuqhubeka umsindo akakunakanga.
UMnisi engenelisekile, uziphendulela athi alikho iqiniso kulokhu okwenziwa umbuso ngoba yena abezama ukutshela ufakazi ukuthi aphendule kanjani kwakubuzwayo.”
Uqhube wasola umbuso ngokufaka amazwi emlonyeni kafakazi ukuthi akaphendule athini.
Iqhubekile impikiswano kwaze kwangenelela iJaji uTshifhiwa Maumela lathi useyaqaphela ukuthi izingqinamba ziya ngokwanda phakathi kwalaba ababili. Uqhube wathi uyakuqaphela ukuthi uma ufakazi ephendula ngendlela angayithandi uMnisi, uphinde awuphinde umbuzo wakhe.
UMnisi uqhube wathi uZandi uzoveza ukuthi uThwala noKelly nonina baphusha umsolwa owayephethe isibhamu.
“Ngicela ukungaphawuli,” kusho uThwala.
UMnisi uqhube wathi: “Wazibandakanya yini ekuphushweni komsolwa owayephethe isibhamu,”
UThwala waphendula ngokuthi cha, wabuya uMnisi esethi: “Manje usunayo impendulo?”
UThwala waphendula ngokuthi: “Nginayo ngoba usungibuza umbuzo oqondene nami ngqo,” Kuze kwashaya isikhathi sokuthi iguqe inkantolo uThwala elokhu ale njalo ukuphawula ngobufazi okuthiwa buzokwethulwa nguZandi.
Leli cala liyaqhubeka namuhla.