KUSHONE isiguli sesibili esihaqwe upokisi wezinkawu KwaZulu-Natal.
UMnyango wezeMpilo kuleli, izolo, uthe owesilisa wesibili oshonile ngowesilisa oneminyaka engu-40 waseMnambithi, kanti ushonele ekhaya. Kuhlonzwe eseshonile ukuthi ubehaqekile ngoba ubengazange aye esikhungweni sezempilo.
Isibalo sabantu abahaqwe ileli gciwane kuleli sesenyukele kubantu abangu-16, kubo bathathu abantu abashonile. Kwabashonile ababili abaKwaZulu-Natal, oyedwa owaseTembisa.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uMnuz Foster Mohale, uthe imiphumela yokuhlolwa kwalo wesilisa kuqinisekiswe ngeSonto.
Uthe lo wesilisa ubenezimpawu ze-mpox okuwutwayi emzimbeni wonke. Izigameko ezimbili ezihlonzwe kamuva ziqinisekiswe eGauteng, isigameko sokuqala indoda eneminyaka engu-43 neneminyaka engu-29.
"Bobabili abahlonzwe kamuva abanawo umlando wokuphumela emazweni angaphandle kwaleli," kusho uMohale.
Kwabangu-16 abahaqwe ileli gciwane, abayisishiyagalombili abaKwaZulu-Natal, abayisikhombisa baseGauteng, noyedwa owaseWestern Cape.