KUSHONE iziguli eziyisikhombisa ezinesifo sohudo kanti ezingu-60 zilaliswe esibhedlela iJubilee eseHammarskraal, eGauteng.
Izolo, umphathi wabahlengikazi kulesisibhedlela, uNkk Julia Apani, uthe zingu-67 iziguli ezingeniswe kuleli sonto, zihanjiswa izisuezinye zikhala ngamajaqamba esiswini. Kuzo eziyisikhombisa zishonele khona esibhedlela.
"Iziguli bezingafiki ziyiqulu, bezifika ngokuhlukana kuzo kukhona abesilisa nabesifazane beminyaka ehlukene kanye nezingane. Okwamanje asikazi ukuthi leziziguli zingenwe yiliphi igciwane lohudo. Iziguli bezifika zikhishwa izisu, ziphalaza ezinye zikhala ngamajaqamba esiswini. Iziguli ezinale nkinga zisaqhubeka ziyangena esibhedlela nosekuze kwaholela ekutheni sicele abahlengikazi abasekhefini nabebephumulile ukuthi babuye emakhaya bazolekelela. Abahlengikazi abakhona esibhedlela abasakwazi ukumelana nomthamo omkhulu weziguli ezinalesi sifo," kusho uNkk Apani.
Uthe okubajabulisayo wukuthi sekungenelele nesifunda, sebezokwazi ukuthola usizo oluningi.
UMnyango wezeMpilo eGauteng, uthe iziguli eziningi ezinezimpawu zesifo sohudo zihlala eKanana, Suurman, Majaneng naseGreen Field.
Akusona isifundazwe iGauteng kuphela ehlaselwe yilesi sifo, naseFree State uhulumeni wakhona usememezele ukuthi kutholakale abayisikhombisa okuvela ukuthi banesifo sohudo iCholera. UMnuz Mondli Mwambi okhulumela uhulumeni waseFree State, uthe ngokuthola kwabo ziyisikhombisa iziguli osekuqinisekisiwe ukuthi zineCholera ezinye akukaqinisekiswa ukuthi kungani zikhishwa yizisu.
Uthe lezi ziguli okuqinisekiswe ukuthi zineCholera, kutholakale ukuthi ziphuza amanzi angahlanzekile okungaba awemvula agcinwa emathangeni noma adonswa ngamapayipi phansi komhlaba.
"Sesinxuse umphakathi ukuthi amanzi okuphuza uwabilise sibe siphenya umsuka walesi sifo," kusho uMwambi. UMnuz Foster Mohale okhulumela uMnyango wezeMpilo kuleli, uthe izifo zohudo ezithathelanayo zijwayelekile ezweni.
“Isifo sohudo sihamba phambili kwezibulala izingane kuleli nasemhlabeni. Lesi sifo sisabalala ngokuthintana nomuntu onaso, ukudla nokuphuza amanzi anegciwane elidala lesi sifo. Ngokujwayelekile, umuntu osondelene nomuntu onaso watheleleka uqala ukugulaemahoreni angu-12 kuya kwangu-48," kusho uMohale.
Uqhube wathi isibalo sabantu abahaqwe isifo sohudo iCholera kuleli sesenyukele ku-22. Iziguli zakamuva okutholakale ukuthi zihaqekile, uthe ezine ezaseGauteng neziyisikhombisa zaseFree State.