KUSHE kwangqongqa abane bomndeni owodwa emijondolo emihlanu eParkgate, eVerulam, ngoMgqibelo.
Kulesi sigameko, kushone uNksz Thandazile Mgulwa (47), indodakazi yakhe uNksz Anele Mgulwa (21) nabazukulu ababili u-Alwande Mgulwa (4) noSamkelo Mgulwa (2).
Ngokusho kukamasitende ongumnikazi wemijondolo eshile, uNksz Bonani Bushula, kwenzeka lesi sigameko nje ubekade ehambile, wabuya ekhathele, walala.
“Ngivuswe wumsindo wabantu abakhalayo abafuna usizo ngesikhathi kungqongqoza omakhelwane, bengivusa ukuthi sisize ngoba kuyasha,” kusho uNksz Bushula.
Uthe bazamile ukuvula umnyango ne-burglar guard lomjondolo okuhlala kuwo abashonile kodwa kwangavuleka ngoba bekukhiyiwe.
Uveze ukuthi ugesi ubukhona ngesikhathi kwenzeka isigameko kangangokuba, kuphoqeleke ukuthi banqamule intambo esuka endlini yakhe, ephakela ugesi imijondolo yomihlanu ehlala iziqashi.
“Kule eminye imijondolo abebekhona abanikazi bayo, bakwazile ukuphuma bephila, kodwa balahlekelwa yikho konke ebebenakho,” kusho uNksz Bushula.
Uthe usadidekile ukuthi ngabe yini eqale umlilo.Umndeni wabashonile, ohlala khona endaweni eParkgate, uthe unemibuzo engaphenduleki ngokufa okwenzekile.
Udadewabo kaNksz Thandazile Mgulwa, uNksz Sbongile Mgulwa uveze ukuthi kwenzeka isigameko nje, elinye ilungu lomndeni nalo elihlala khona endaweni belikade lithole ucingo komunye wabashonile ngezithuba zawo-9.30 ebusuku licela ukuthi abalethele ukudla ngoba bayanqena ukupheka kwazise kukhona obengaphilile phakathi kwabo.
“Uthe esalungisela ukuthi uzokwehla abahambisele ukudla, kwafika umyalezo ngabo-9.50 ebusuku othi asiphuthume khona ngoba sebeshe bonke. Sifike khona ngo-10 ngqo safika sekonakele, sekuze kwafika namaphoyisa,” kusho uNksz Mgulwa.
Uphikise isitatimende esithi bebekhala becela usizo, wabuza ukuthi njengoba izidumbu zabo zitholwe zilele zithe thwi embhedeni, bebekhala kanjani benganyakazi nokunyakaza.
“Ukube bebekhala, besingebafice beyimifunzana ngasemnyango, kucaca ukuthi bebezama indlela yokuphuma,” kubuza uNksz Mgulwa.
Uthe banesiqiniseko sokuthi bebengabase lutho oluvuthayo njengesitofu njengoba bebecele ukulethelwa ukudla ngelinye ilungu lomndeni.
Uthe kuduma ikhanda ngenxa yalesi sigameko. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseVerulam avule idokodo lokufa kwabantu emva kokuthi abane beshe bangqongqa eParkgate eVerulam ngoMgqibelo.
“Kubikwa ukuthi kushe abantu abane ngesikhathi umjondolo ebebelele kuwo uthungeleka ngomlilo. Kulesi sigameko kushe kwangqongqa neminye imijondolo emine kodwa ebebephakathi basinda. Okwamanje akukabi bikho olusolisayo ngokwenzeka kwesigameko,” kusho uCol Netshiunda