AMAPHOYISA aphenya amacala okuzama ukubulala amaphoyisa nelokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni emva kokuthi kushone abasolwa abane ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eNanda, NgoMsombuluko.
Kuvela ukuthi amalungu ophiko lweRapid Rail's Cross Border and Freight aphuma ekomkhulu lombutho kuzwelonke, abesebenza ngokobunhloli ngesikhathi engena emzini oseNgoqokazi, eMawoti eNanda, ethola abasolwa abahlanu.
Kuthiwa abasolwa ababili bakhiphe izibhamu badubula bebhekise emaphoyiseni, nokubikwa ukuthi kube nokudubulana kwalimala kabi abasolwa abane bashona, kanti umsolwa oyedwa ubalekile endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe akuzange kulimale phoyisa ngesikhathi sokudubulana.
“Kusolakala ukuthi abasolwa abashonile baneminyaka elinganiselwa ku-30 ubudala nokusolakala ukuthi yibona abaphehla izigameko zokubulala namanye amacala odlame kwisifunda saseThekwini.
“Lesi sigameko sibikwe ophikweni oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) okuyilo oluzophenya ngamacala amane okufa kwabantu,” kuchaza uLt Col Gwala.