ISIKHULU se-IEC KwaZulu- Natal uNkk Ntombifuthi Masinga, sithi kushone abantu ababili abebesuka ezikhungweni zokuvota.
UNkk Masinga ubekhuluma esithangamini sabezindaba esikhungweni semiphumela e-ICC, eThekwini. Uthe omunye kwabashonile uwe evenini washona ephuma ukuyovota eMsinga.
Omunye ugwazwe washona eBulwer, esuka esikhungweni sokuvota ngesikhathi exabana nomuntu thizeni. Udlulise amazwi enduduzo emndenini yabashonile.
UNkk Masinga uthe kube nezigameko zokushayana kwezinye izindawo. Uthe eMlalazi, eShowe kube nesigameko sokushawa komuntu esikhungweni. Kukhona nomunye oshawe eCato Ridge.
Uphinde wabika ngokuboshwa komsebenzi we-IEC eMgungundlovu, obesolwa ngomkhonyovu wamabhokosi okuvota. Uthe bawachazelile amaphoyisa ukuthi umsebenzi wabo ubesebenza kepha wasolwa abathile ngokukhwabanisa.
UNkk Masinga uthe udaba lusaphenywa ngamaphoyisa kanti ibhokisi lokuvota lithathiwe. Uthe ngaphandle kwalokho ukuvota kuhambe kahle nokubala kusaqhubeka.