BABESENDLELENI ebuyela ekhaya emuva kokuthi bebanjwe inkunzi emcimbini abasacingwa abamuke neveni abebehamba ngalo emfuleni oseMnambithi ngeSonto ebusuku.
Lokhu kudalulwe yisihlobo sabamukile, uNkk Winnie Jooste, othe lwaba yinhlekelele kubagilwa ubusuku okwenzeka ngabo isigameko.
UNkk Jooste waseRoosboom uthe abagilwa babesuka eMabhekazi ngesikhathi bewolwa amanzi achitheka emfuleni iBellspruit owawudla izindwani.
Kuthiwa amanzi achithekela kuthelawayela uN11 kanti abagilwa bazozithela khona.
Lo wesifazane uphawule kanje ekhuluma neziko lezindaba leSABC eMnambithi izolo.
“Bavelelwa inhlekelele besemotweni eyayishayelwa umalume wabo owayebabuyisela ekhaya emuva kokuthi bephangiwe. Sibe noKhisimusi omnyama, angisayiphathi-ke ekaNcibijane, yini ngempela esizobe siyenza?” kubalisa uNkk Jooste.
Udalule ukuthi ngoKhisimusi bavuka ngezindaba ezimbi zokuthi izingane zikababekazi wakhe ezingu-10 zimuke nomfula.
Uthe bathungatha ngalolu suku bathola izidumbu ezintathu engeza ngokuthi kwabamuka kukhona nezingane ezintathu enye ebizoqala uGrade 1 ngonyaka ozayo.
Uqhube wathi kuyabalimaza ezingqondweni nasemphefumulweni ukulinda ngoba ukuhamba kwesikhathi kukhomba ukuthi hleze bangatholakali abamukile.
“Asikwazi nokuhlela imingcwabo yasebetholakele ekubeni kusenabantu abane abasathungathwa abangakatholakali. Sicela kwandiswe amathimba abatakuli kubhekwe izihlobo zami,” kubalisa uNkk Jooste.
Izulu elimbi, imfucuza kadoti nezihlahla eziwele lapho bekuhamba khona amanzi kuthiwa zenza kubenzima ukuthola abamukile.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uthe bangu-10 abantu osekuqinisekiswe ukuthi bashonile ngenxa yemvula ehambisana nokuduma kwezulu esifundazweni.
Udalule nokuthi bangu-13 abadukile abasathungathwa futhi sebelande amathimba abatakuli baseThekwini, ePort Shepstone nakwezinye izindawo bezolekelela.
“Kusatholakale abantu abayisikhombisa (kule ndawo), kulesi sibalo abanye baphuma emndenini owodwa wakwaMsimango. Abathathu babo sebetholakele abanye abathathu nesihlobo basadukile,” kuchaza ungqongqoshe.
Uqhube wathi abamukile bebehamba ngeveni beyisishiyagalolunye phakathi kukhona nabasemndenini wakwaMthembu.
Ubalule nesigameko seFord Bantam emuke ihamba ababili kwatholakala oyedwa omunye umuntu usacingwa. Kukhona neVW Polo ebhajwe emfuleni, okutholakalale umuntu oyedwa omunye wamuka. NaseMandeni emfuleni iMasende kumuke ababili kwatholakala oyedwa.
Uthe babekade bexwayisile ngale mvula eyingozi nokuthi abahlala endaweni engezansi komfula eMnambithi abathole enye indawo yokuhlala.
Uthe abantu abazange basuke bethi kufinyeleleka kalula emisebenzini.