CHARLES KHUZWAYO
KUKE kwashuba enkantolo eNkulu yaseGauteng, ePretoria izolo ngesikhathi ummeli wabamangalelwa ecaleni lowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, etholana phezulu ngamazwi neJaji elingamele leli cala.
U-Advocate Malesela Teffo utshele emehlweni uJaji Tshifhiwa Maumela, ukuba angamhlali emadevini uma ekhuluma, kufanele amlinde abeke izethulo zakhe kodwa uMaumela akafunanga ukwehlela ngezansi. Udonse ngendlebe uTeffo ukuba aphothule azokusho kodwa aze angalinge amfundise ngokuthi kufanele leli cala alisingathe kanjani. UTeffo aze agejane ngenkulumo noMaumela nje, umsindo uqale ngesikhathi uTeffo ephakamisa ukuba kumiswe ukuqulwa kwaleli cala ngoba amalungelo abasolwa abamele ephulwa ngesikhathi bevele okokuqala enkantolo eminyakeni emibili eyedlule.
UTeffo, omele abasolwa abane, ubuye wayinyathela emsileni kummeli kammangalelwa wesihlanu, u-Advocate Zandile Mshololo, ngokuthi athi ukuqhubeka kokuqulwa kwecala kuzofana nezithukuthuku zenja zona eziphelela eboyeni. UMshololo akamphathanga kahle amazwi kaTeffo ngoba nguye obesepheka ngemibuzo ufakazi woMbuso wokuqala, uSegeant Thabo Mosia.
UTeffo ukhale ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu esicelweni sakhe sokuphonsela uMbuso inselelo yokuba kungaqhutshekwa necala ngoba uMaumela usichithile. Icala lizoqhubeka ngoMsombuluko ngenxa yokuthi lisheshe laguqa emuva kokuba uMosia okhale ngokuphazanyiswa yimishanguzo abezinyanga ngayo ukugula ekuseni.
*Khonamanjalo isicelo somholi we-EFF, uMnuz Julius Malema nozakwabo, uMnuz Mbuyiseni Ndlozi, sokuba icala ababhekene nabo lichithwe, sichithwe yiNkantolo yeMantshi yaseRandburg izolo. Laba baholi abangamalungu ePhalamende likazwelonke babekwe icala lokushaya emuva kokuhlasela iphoyisa, uLieutenant Colonel, Johannes Venter emngcwabeni yowayengumholi we-ANC Women's League, uNkk Winnie Mandela, ngo-2018. IMantshi uLeiland Poonsamy uthe uMbuso ulethe ubufakazi obesekela ummangali kuleli cala.