IMISHWALENSE nezikhwama zezempilo zikahulumeni azikhathazekile ngokuthi zizophelelwa isinkwa uma umthethosivivinywa womshuwalense wezempilo kaZwelonke, iNational Health Insurance (NHI), ugcina uphasiswa uba umthetho.
Isikhulu esiphezulu kwaDiscovery Health, uMnuz Ryan Noach, sithe kusazothatha isikhathi esiphakathi kweminyaka ewu-10 kuya kwengu-15 ngaphambi kokuthi iNHI isebenze ngokuphelele, ngalesi sikhathi izikhwama zezempilo ezikhona zizobe ziqhubeka zisebenza.
IPhalamende ngoLwesibili liphasise umthethosivivinywa weNHI kodwa luselude ukhalo okusamele luhanjwe ngaphambi kokuthi lo mthethosivivinywa ube ngumthetho. Umkhandlu wezifunda iNational Council of Provinces (NCOP) isazowuhambisa ezifundazweni ukuze kudingidwe ngawo bese ubuyiselwa ePhalamende udingidwe khona, bese usayinwa umengameli uba ngumthetho.
Uqhube wathi abangahambisani nakho ukuthi iNHI kube isona kuphela isikhwama esizobe sibhekele ukukhokhela izindleko zempilo ngoba uhulumeni ngeke abe nayo leyo mali.
"Le ndlela ayikaze isebenze ndawo emhlabeni nase-United Kingdom lapho iNHI isebenza kahle khona akusebenzi isikhwama esisodwa. UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phahla, uthe kuzodingeka imali ephakathi kukaR550 kuya ku700 billion njalo ngonyaka okuyimali enkulu kakhulu leyo. Ngaphambi kokuthi iqale ukusebenza iNHI kusadingeka uR200 billion ukuze kulungiswe izikhungo zezempilo ezingekho esimeni nakho lokho kusazothatha isikhathi eside. Kuzodingeka ukuthi iminyango yezempilo yezifundazwe ingabi naso isabelo mali, imali igcinwe kumngcinimafa. Kusazoba wumqansa ukwenza lokho. Sizenzile iziphakamiso mayelana nokuthi singafisa ukuthi kulungiswe kuphi, uhulumeni wasishaya indiva," kusho uNoach.
USihlalo wenhlangano yodokotela i-SA Medical Association (Sama), uDkt Mvuyisi Mzukwa, uthe uthethosivivinywa weNHI usetshenziselwa izinhloso zepolitiki njengoba sekuzovotwa.
Uqhube wathi njengamanje uphiko lwezempilo lukahulumeni luyehluleka ukuqasha odokotela abenele ngenxa yokushoda kwemali, izovelaphi imali yalesi sikhwama.
I-ANC, ithe ukuphasa komthethosivivinywa weNHI, kufana nokuphuma kwelanga kubantu bakuleli.
Okhulumela i-ANC uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe ukuphasa komthethisivivinywa weNHI kusho ukuthi inqwaba yabantu bakuleli izothola usizo lwezempilo olusezingeni elifanayo.
UNkk Michéle Clarke omele iDA ekomitini lezempilo ePhalamende uthe: "Ziningi izihibe kulo mthethosivivinywa we-NHI kangangokuthi iDA ayiboni ukuthi umthethosivivinywa ungaqala ukusebenza unjengoba unjalo kuleli. Alukho ucwaningo oluke lwethulwa ekomitini."