UGAXWE ithayi entanyeni washiswa owesilisa waseNduduzweni eMlaza ngemuva ‘ kokukhonjwa’ owesifazane othe uwumdlwenguli, kodwa wabuye wathi ubemfanisa.
UMnuz Sandile Mzweleni Xaba (30), ongowokudabuka eSinyameni eMthwalume kodwa obehlala kule mijondolo, kuthiwa ugaxwe ithayi entanyeni, wambumbuthelwa ngophethroli wase eyashiswa.
Ngokusho kukamfowabo, uMnuz Joe Khumalo, umufi uhlaselwa yiqulu ebusuku nje, laliqale lagasela emini, lihamba nowesifazane omsola ngokumdlwengula nomngani wakhe.
“Kuthiwa owesifazane wafika wathi ‘uyeke lo’ kodwa umngani wakhe wamkhuza ethi akuyena ngoba umufi akanawo amazinyo egolide,” kusho uKhumalo.
Uthe kwaba khona impikiswano phakathi kwalaba besifazane iqulu lagcina lihlakazeka likholwa wukuthi ngempela akuyena.
UKhumalo uthe emva kwaleso siwombe, umufi wanikela kuye eClermont ezombikela ukuthi usethelekelwe abantu behamba nowesifazane obezomsulela ngecala angalazi.
“Ngambonisa ukuthi kuzodingeka ayobika emaphoyiseni ngalokhu kuhlaselwa, wathalalisa, ethi akunasidingo ngoba babuye bahlakazeka bengamenzanga lutho,” kuchaza uKhumalo.
Uthe wathi uyobheka izihlobo ehostela eWema ngaphambi kokuthi abuyele endlini ebusuku nokuyilapho elaphinde labuya khona iqulu, selivutha lingabaselwe.
“Ngathola ucingo entombini yakhe eseVerulam ngokusebenza, ithi asiphuthume eNduduzweni ngoba udadewabo uyibikela ukuthi sebephinde babuya laba bantu, kanti kulokhu sebevele bamthatha ngenkani, bahamba naye,” kusho uKhumalo.
Uveze ukuthi nebala bafika sekonakele eseshe wangqongqa umufi.
Uthe sibaphathe kabi isigameko.
Uveze ukuthi bekuvele kukhona ukungahoshelani kahle phakathi komndeni wentombi kamufi nomunye womakhelwane. Wenza izinsolo zokuthi kwalo makhelwane kukhona izelamani zesilisa, ezifuna ukuthatha ngodli umjondolo wakubo kwentombi kamufi.
“Lo mbango uqale nyakenye kanti uye ngokuqina sekugula unina wentombi kangangokuthi waze wamcela ukuthi akazohlala nabo, ukuze kubuye isithunzi, izelamani ziyeke ukudlala ngabo. Mhlawumbe unezinyanga eziyisithupha ehlala khona,” kusho uKhumalo.
Udalule ukuthi kuke kwathi ukuthula ekufikeni kwakhe, kodwa waqala walwiswa ngemumva kokushona kukanina wentombi ngoNovemba.
“NgoDisemba nje ungibikele ukuthi zifikile izelamani zafike zamhlanganyela zamshaya kodwa wazitshela ukuthi kuzophelela lapho kanti akazi ukuthi kuseza okukhulu,” kubalisa uKhumalo.
“Amaphoyisa athe alikho icala elivuliwe lokudlwengula, athi sekunesikhathi lagcina ukuvulwa. Lokho kwenza sibone ukuthi umufi ubulawelwe into engekho. Sesibona ukuthi waboshelwa amanqina enyathi ngenxa yombango wendlu,” kwenaba uKhumalo.
Ezinkundleni zokuxhumana kukhona ababize umufi ngomalugaju osebaqedile abesifazane endaweni ebadlwengula, ebulala namalungu emindeni yabo, nokho umndeni wakhe uthe amaphoyisa athi azikho izigameko ezifuze lezi ezishiwo ezinkundleni zokuxhumana ezibikiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokushiswa kowesilisa ngabantu abangaziwa.