AKUPHAZAMISEKANGA ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric esikoleni iKanye Kanye High eDumbe, okusolwa ukuthi singqongqiswe ngabafundi emuva kokumiswa komcimbi i-matric dance.
Isehlakalo esenzeke ngempelasonto, kuthiwa sishiye amakilasi amabili nefenisha kungumlotha.
IPhini likaNgqongqoshe loMnyango weMfundo eyisiSekelo, uDkt Reginah Mhaule noNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, basigxekile isehlakalo, bahlaba ikhwelo balibhekisa emphakathini ukuthi uvikele izikole.
Omunye wabazali okhulume neSolezwe wacela ukungavezwa, uthe abafundi badinwe ngukuhlehliswa komcimbi, base bedubela esikoleni.
“Sibizwe ngoLwesihlanu ntambama isikole sisha. Sisola abafundi ngoba besishubile isimo ngeledlule, kulokhu kuhlehliswe lo mcimbi.”
Kwenzeka lokhu nje, umnyango wesifundazwe uyalele izikole ukuthi zingabi nayo imicimbi yokujabulela ukuphothula ukubhala kukamatric.
Le micimbi ijwayele ukuthi ibe ngaphambi kokubhala noma ezinye izikole ziyenze uma sekuphothulwe izivivinyo.
UDkt Mhaule noNkk Frazer abebevakashele oGgwini Comprehensive High eMlaza, ekuseni izolo njengoba bekubhalwa iphepha lesiNgisi, bagxeke abacekela phansi impahla ngoba benezikhalo.
“Sinxusa imiphakathi ukuthi ivikele izikole. Ingathi uma inezinkinga bese idubela ezikoleni izishisa.
“Inhloko yomnyango ishayele ucingo kulesi sikole ukubheka ukuthi kuyabhalwa yini, yathola ukuthi mabili amakilasi ashisiwe, akuwona akwa-matric, ngakho ukubhala akuphazamisekanga. Sithole ukuthi sishiswe ngoba kuhlehliswe i-matric dance. Kusibuyisela emuva ukushisa isikole. Sinxusa umphakathi ukuthi uzivikele izikole,” kusho uDkt Mhaule.
UNkk Frazer usole ubugebengu, wathi akakholwa ukuthi yisenzo esingenziwa ngabafundi.
“Kumele imfundo yezingane ivikelwe ezigebengwini ezifuna ukuphazamisa imfundo.
“Sinxusa amaphoyisa ukuthi abambe abenzi bobubi, baboshwe. Angiboni ukuthi ingane ingashisa ikilasi. Sinxusa nemiphakathi ukuthi ivikele izikole,” kusho uNkk Frazer.
UNobhala jikelele weNFP, uMnuz Canaan Mdletshe, unxuse umnyango ukuthi usheshise uqashe onogada ukuze kuvikeleke ingqalasizinda kahulumeni.Ugxeke lesi sehlakalo, wathi izimo ezifana nalesi ziphazamisa abafundi.
“Abafundi bebediniwe ngeledlule ngenxa yokuhlehliswa kwalo mcimbi kwaze kwaba nombhikisho.
“Okubuhlungu ngukuthi lesi sehlakalo senzeke esikoleni esenza kahle kwiMaths neSayensi eDumbe. Kumele kube nonogada abazoqapha izikole. Sinxusa nomphakathi ukuthi uvikele izikole ngoba ngezawo,” kusho uMdletshe.
UNkk Frazer uthe noma isikole singanikezwa inqwaba yonogada kodwa nomphakathi kumele ubambe iqhaza ekutheni ingacekelwa phansi ingqalasizinda, edinga enkulu imali uma isilungiswa noma isiyakhiwa kabusha.