KUSHISWE isikhova esitholakale ekilasini lomunye wothisha osembangweni wesikhundla sikathishanhloko esikoleni samabanga aphansi iCrowfield Primary, eRookdale, eBergville, ngoLwesithathu ekuseni.
Ngokusho komthombo, abafundi bakuleli kilasi bethuke boma bezithela kulesi sikhova esiphilayo ebesiqhunsule amehlo ekilasini labo ngesikhathi befika ekuseni.
“Abafana basijahile, basishaya basibulala bayosishisa,"kusho umthombo. Umthombo uthe izingane besezigweve ngaphandle zithi azisangeni ekilasini ngoba zisaba ukuthi bekungene isikhova. “Kuze kwalamula ukuqhamuka komunye uthisha wesilisa ezimsabayo, ozitshele ukuthi azibuyele emakilasini. Besekuyindaba exoxwayo esikoleni. Omunye wothisha uze wathi sekungaze kufe abantu ngenxa yesikhundla sikathishanhloko. Siyasola ukuthi lesi sikhova bekuyindlela yokumsabisa lo thisha,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi uthisha okutholakale isikhova ekilasini lakhe, uqunge isibindi wangena kulo wafundisa njengenjwayelo.
“NgoMashi lo thisha wacela ukuhoxa embangweni walesi sikhundla ngemuva kokuthola izinsongo. Waveza ukuthi akafuni ukufa ashiye izingane zakhe njengoba umyeni wakhe washona.
"Mkhulu umbango walesi sikhundla njengoba uthishanhloko wasula esikhundleni ngonyaka odlule. Phambilini kwamiswa inhlolokhono ngenxa yezinxushunxushu, kukhona nabanye othisha ababesatshiswa,” kusho umthombo.
IPhini likaSihlalo wabeLaphi beNdabuko KwaZulu-Natal, uMnuz Sazi Mhlongo, lithe isikhova yinyoni yabathakathi.
“Kungenzeka ukuthi sibekwe ngumuntu othile obeganga, engingazi ukuthi ubesithathephi ngoba sihlala emahlathini. Kungenzeka ukuthi sifakwe ngumuntu owazi amakhambi owenze umuthi wokuthi kuvumbuke isikhova,” kusho uMhlongo.
Uthe bekumele kubizwe inyanga yendawo ukuze isithele ngentelezi ezoxosha imimoya emibi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe izinsolo zokusabisana kubangwa izikhundla bazithathela phezulu ngoba babonile abantu belinyazwa abanye bebulawa ngenxa yezikhundla.
Unxuse othisha abasatshiswayo ukuthi bababikele ukuze bezobikela amaphoyisa kuqale uphenyo.