UMPHATHISWA wezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN, uNkk Mbali Shinga, uzwakalise ukudumala ngabakuthole esikhungweni esingenzi nzuzo, i-ABH Children’s Home esizinze eChatsworth, KwaZulu-Natal.
Umphathiswa usho kanje kulandela ukuthi ngoJulayi, kuqubuke izinsolo zokuhlukunyezwa kwezingane, zihlukunyezwa ngabanye babasebenzi kulesi sikhungo abagcina bexoshiwe.
NgoLwesibili, uhlangane nebhodi lesikhungo njengoba ebezoletha umbiko emva kophenyo oluthathe amaviki amathathu.
Ekhuluma nabezindaba uthe benza isithembiso ukuthi inhloko yomnyango izokwenza uphenyo ukubheka ukuthi izinsolo ezazibikiwe ziyiqiniso ngempela yini.
“Siwudluliselile umbiko futhi njengomnyango sidumele kakhulu ngezinto esizitholile ngaphakathi esikhungweni. Ngempela abantwana bazisholo bona ukuthi bebeshaywa, bejeziswa ngezindlela ezehlukene futhi bewashiswa nezitsha ngamanzi abandayo,” kusho uNkk Shinga.
Uthe abanye bebehlukunyezwa ukuthi bebebuka abanye beshaywa.
“Ngokomoya nangokomqondo uma ulokhu ukhunjuzwa ukuthi njengoba ulapha watholakala uhluphekile noma usesimweni esithile ngakho-ke yamukela noma yini, lokho kuyakuhlukumeza. Ngakho njengomnyango lezo zinto azisiphethe kahle yingakho silapha,” usho kanje.
Uthe kunethimba elizoqapha iThekwini Monitoring Unit Evaluation elizosebenzisana nalesi sikhungo elizobabikela ukuthi ukhona yini umehluko okhona.
Inhloko yomnyango, uNkk Nelisiwe Vilakazi, ithe isikhungo asibabheki abasebenzi baso ukuthi bakhona yini ohlwini lwabahlukumeza izingane.
“Umthetho uthi uma uzosebenza endaweni enabantwana kufanele ubhekwe ukuthi awukho yini la okubhalwa khona abantu abenze amacala ebantwaneni. Uma ukanjalo uyaye ungabe usaqashwa kuleyo ndawo, ngakho-ke sitholile kulesi sikhungo ukuthi abantu ababhekwa kuleyo rejista ebizwa ngo-Part-B, yokuvikela izingane,” kubeka uNkk Vilakazi.
Uthe banxusa ukuthi wonke umuntu osebenza esikhungweni ukuthi abhekwe kuleyo rejista, uma etholakala, aqheliswe ngoba ungathola ukuthi omunye unenkinga yokuhlukumeza abantwana. Uqhube wathi balindele ukuthi izinkinga zilungiseke masinyane ukuze izingane ziphephe.
Isikhulu esiphezulu sase-ABH, uMnuz Ray Naguran, sithe bayawamukela umbiko futhi basazowufunda.
“Sisanda kuwuthola umbiko, asibanga naso isikhathi sokuwufunda. Sizochitha izinsuku ezimbalwa siwetshise emva kwalokho bese siyaphawula. Okwamanje izinto zisahamba kahle ngaphakathi esikhungweni,” kusho uNaguran.