ISISHOSHOVU sezepolitiki uNksz Winnie Madikizela-Mandela, sihlonishwe ngokuthi kuqanjwe kabusha ngegama laso umgwaqo omkhulu eFourways, eGauteng.
Phambilini umgwaqo ubuwaziwa ngokuthi yiWilliam Nicol Drive, kanti usuzokwaziwa ngelithi yiWinnie Madikizela-Mandela Drive.
Lokhu kwenzeke ngosuku lokuzalwa kukamama uNksz Madikizela-Mandela osewashona, uSepthemba 26. Kuthiwe ukube ubesaphila ngabe ubezohlanganisa iminyaka engu-87.
UNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe igxathu alithinti ukuqanjwa kabusha kwegama lomgwaqo kuphela kodwa limayelana nokuqopha umlando ngegama lomuntu eliwuphawu lobuhlungu abantu abamnyama abadlule kubo.
“Lo mgwaqo usithinta sonke. Uwuphawu lwethu uqobo nemvelaphi yethu. Ukube bekuyangathi, umgwaqo ubuzoba nohlu lwabo bonke baholi bethu, ikakhulu abesifazane ababamba iqhaza ngesikhathi kuliwa nohulumeni wobandlululo,” kuchaza uLesufi.
Uqhube wathi wonke umuntu uvumelekile ukuthi ambungaze ngoba ubengumuntu wabantu.
IMeya yoMkhandlu Jorburg, uMnuz Kabelo Gwamanda, ithe ngesikhathi silwela ikusasa elingcono, kufanele singakhohlwa lapho esiqhamuka khona. Wathi banomsebenzi omkhulu wokuqinisekisa ukuthi umlando wezwe, awulitshalwa.
“Lona wesifazane wayeyisipho sethu esikhethekile esasinikwa ngumdali futhu esiziqhenyayo ngaso,” kusho uGwamanda.
Uqhube wathi ukuqanjwa kabusha komgwaqo, akuchazi nje ukuqhakambisa owesifazane owayeyisibonelo esihle kodwa owesifazane okufanele ngabe wanikwa ithuba lokuba umengameli wezwe wokuqala wesifazane.