ABAHLELI bomcimbi kamaskandi iMpucuzeko Maskandi Festival baveze izinguquko kulo mcimbi ogubha iminyaka elishumi kulo nyaka.
UXolani Mcineka ongumsunguli nomhleli walo mcimbi uthe kulo nyaka umcimbi ubuyela ePeaple’s Park ngemuva kokuthi ube ngaphakathi enkundleni iMoses Mabhida nyakenye. Ukusho lokhu esithangamini sabezindaba eMoses Mabhida.
Ezinye izinguquko uMcineka athe zizokwenzeka, kuzobuyiswa iqhude lapho kuzoqhudelana khona abaculi abafana noSgwebo Sentambo ngengoma.
“Ngonyaka odlule, sathola izikhalazo eziningi ezivela kubalandeli ngenkundla iMoses Mabhida, bakhala ngokuthi kunemigomo eminingi njengoba kwakungavunyelwe ukuba bafike bengamaqembu. Kanti nathi njengabahleli bawo sibone kungcono ubuyele ePeople’s Park ngoba ngaphakathi enkundleni kumele ucabangele utshani benkundla,” kuchaza uMcineka.
UKhathide “Tshatha” Ngobe ongomunye wabahleli balo mcimbi yena uthe ukudlala bukhoma phecelezi u-Live kawuzukubabikho kulo nyaka njengoba abalandeli bakhala ngokuthi udla isikhathi.
“Sathi uma senza ucwaningo lwethu sibuza abalandeli ngezinto abangeneme ngazo, baba baningi abakhala ngokuthi u-Live mawuvalwe ngoba udla isikhathi eside kusalungiswa. Kulokhu kuzodlalwa lokhu esikubiza nge-backtrack,” kusho uTshatha.
UTshatha eqhuba, uthe bathole izicelo ezingu-400 ezisuka kubaculi abasafufusa (amavukane) kodwa bakwaze ukuqoka abawu-15 kuphela. UTshatha unxenxe abantu ukuthi baphume ngobuningi bezokweseka lo mcimbi ozobe ugubha iminyaka elishumi wasungulwa ePeople’s Park ngo-Agasti 12.