ISHENXISIWE esikhundleni inkosi yakwaMajozi eMsinga, uZiphokuhle Majozi, isolwa ngokungawuphathi kahle umphakathi.
Isinqumo sokushenxiswa kukaMajozi simenyezelwe ngusihlalo wendlu yamaqamu uMnuz Nkosinathi Majozi, emva komhlangano womndeni.
Usihlalo uthe umndeni unqume ukushenxisa uMajozi emva kokuthola izikhalazo zivela emphakathini ngokuthi akawuphethe kahle.
"Umphakathi ubukhala ngokuhlukumezeka, uthi awuphatheki kahle uma uya enkantolo. Abaningi bebekhala ngokuthi bafike bahlaliswe emnyango, banganakwa uma bezobika izinkinga zabo. Abantu bagcine sebekhala kithi njengomndeni.
"Kukhona nje abafika kithi bezokhalaza, sabathatha sabayisa enkantolo. Into eyenzeka ukuthi sathi uma sifika khona kasanganakwa muntu. Savalelwa ngaphandle, saze sanquma ukuhamba. Kunezindaba ezibucayi okukhona kuzo izimpi zezigodi nemibango yemingcele engakaze ikhulunywe."
Usihlalo uMajozi uthe enye inkinga ababhekene nayo njengomndeni ukuthi uMajozi akafuni ukuhlangana nabo, wathi kusukela uMajozi angena esihlalweni ngo-2010, uyenqaba ukuhlangana nomndeni uma umbiza.
"Nathi nje njengabakwaMajozi zikhona izikhalazo esinazo ngendlela esiphethwe ngayo nokungahlaliseki komphakathi.
"Inkinga enkulu ukuthi inkosi ayikwazi ukuhlala nathi. Kuhlula noma sicela ukuhlangana nayo inkosi ukuze sikhulume, kugcine kungenzekanga. Lokhu kwenza ukuthi sigcine singasazi ukuthi sibikele bani."
UNkosinathi Majozi uthe sekukaningi bebikela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ngololu daba, wathi balungiselela ukuthi babikele isizwe ngesinqumo sokwehliswa kukaMajozi.
Umkhandlu omele zonke izindlu zasebukhosini bakwaMajozi iwona ozobamba kuze kube kuxazululwa udaba lukaMajozi.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMajozi oshenxisiwe kayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe luqale lakhala lwangabanjwa, lwagcina lungasangeni.
Usihlalo wendlu yamaqamu uveze ukuthi uMajozi ukhombisa ukungasemukeli isinqumo somndeni.
“Encwadini esambhalela yona simazisa ngokumiswa kwakhe, samyalela ukuba angazihlanganisi nezinto ezithinta umndeni kodwa ubekhona namhlanje (izolo) emhlanganweni.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Mngadi (comment pending)