AFUNWA uthuli amadoda okusolakala ukuthi ashaye ekhanda ngento ecijile iphoyisa lashona ngesikhathi liphuma ethaveni ngempelasonto yePhasika.
Kusolakala ukuthi umufi, obekade engekho emsebenzini, uhlaselwe ngo-2 entathakusa ngeSonto eBochabela Village, ePhuthaditjhaba eFree State.
Okhulumela amaphoyisa eFree State, uWarrant Officer Mmako Mophiring, uthe umufi uhlaselwe ngesikhathi ehamba ngezinyawo nomngani wakhe bebuya ethaveni ngesikabhadakazi.
UMophiring ulandise wathi endleleni umufi nomngani bahlangane neqeqebana labantu besilisa elibe selibathelekela.
“Ngesikhathi sesidumo, iphoyisa lishaywe ngento ecijile ekhanda lawela phansi. Umngani walo uphulukundlelile, wabaleka kanjalo nesigejana salamadoda ebesibahlasela sicele empunzini,” kulandisa uMophiring.
UMophiring uqhube wathi emuva kwesehlakalo kubizwe amaphoyisa ne-ambulensi ngo-9 ekuseni.
“Iphoyisa lihlonzwe njengomuntu oshonele endaweni yesehlakalo. Kube sekuvulwa icala lokubulala eliphenywayo,” kusho uMophiring.
Amaphoyisa aseFree State acela umphakathi uwalekelele ngemininingwane engaholela ekuboshweni futhi kushushiswe ngempulelo lamadoda angabasolwa.
UMophoring uthe noma ngubani ongaba nolwazi angaludlulisela esiteshini samaphoyisa sasePhuthaditjhaba ngokushayela enombolweni yocingo ethi: 058 7180986/7/8.
Uthe bangabika nasenombolweni yakwaCrime Stop ethi: 08600 10111 noma kwi-app yamaphoyisa i-My SAPS App.