KUSHAYISANE ubufakazi bomyeni wowesifazane owangqongqiswa nemoto nobukamshana wakhe owagcina ukubona umufi ephila.
UMnuz Lindela Vezi (27) ulandise inkantolo wathi ngosuku okwathunjwa ngalo umufi, uninalume uMnuz Sifiso Ndlovu (49), wabuya emsebenzini ebusuku wabeka izingcingo ezintathu etafuleni wase eyogeza.
Lokhu kuyashiyisana nobufakazi bukaNdlovu abethule kuthangi lapho ethe wabuya emsebenzini wabeka izingcingo ezimbili etafuleni.
Ubekade ephicwa ngemibuzo ngumshushisi u-Adv Thabani Buthelezi, ngombiko owethulelwe inkantolo wezingcingo ezazisuka kwinombolo kaNdlovu ziya kwekamufi, uNkk Khulukazi Ndlovu.
Lo fakazi uthe uninalume wahamba wayogeza, wathi uma ebuya ukuyogeza wadla, kwathi ngezithuba zehora lesishiyigalolunye wayeselala.
Washiya ecele ukuba amvuse ngehora lesihlanu ngakusasa, ukuze avuke alungisele ukuya emsebenzini.
Lo fakazi uqale wathi ucingo lukaNdlovu lwalukade lusetshenziswa ngowesilisa ongowokufika ababekade behlala naye, ambize ngokuthi nguVibes.
Kuphinde kwashayisana ubufakazi ngoba uNdlovu wathi uVibes wayenocingo kodwa uVezi uthe olwalona wesilisa lwalufile lungasebenzi.
UVezi uqhube wathi kwakuthi uma kungena ucingo kuNdlovu, owesilisa wokufika abonakale esephumela nalo emnyango naye engamuzwa ukuthi ukhuluma uthini futhi nobani
Ngokwemibiko eqoshiwe yezingcingo iveza ukuthi ucingo lukaNdlovu lwalushayela olukamufi ngezithuba zabo-7 kusihlwa nangaphambi kuka-8 ngo-Ephreli 2, 2022.
UButhelezi ube esebuza uVezi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uVibes asebenzise ucingo lukaNdlovu, ekubeni babakade behleli naye (uNdlovu) endlini engakalali.
Uvele waphendula ngokuthi akasazikhumbuli kahle izikhathi kodwa lokho akushoyo kwenzeka.
UButhelezi uvele watshela lo fakazi ukuthi ufunziwe akushoyo enkantolo, kuhlalwe phansi waqeqeshwa ngokuthi aphendule athi wayengekho ekhaya ngosuku lwesigameko.
Umshushisi yilapho avele khona wamthatha wambeka ngokwamehlo engqondo, esebenzisa nobufakazi bezingcingo nobe-tracker yemoto ngokuthi ngempela kwenzakani ngalolu suku.
UButhelezi uthe umufi wafika ngemoto esangweni lakwaNdlovu kade eshayelwe ucingo eyengwe ngothize.
Ngaphakathi kwaNdlovu, kwaphuma imoto egcekeni yalandelana nekamufi, kwayiwa emfuleni waseNdwedwe eMangangeni lapho ezachitha khona imizuzu engu-50.
Lezi zimoto ziyavela ngokwemibiko ye-tracker zisuka emfuleni ziphikelele eMachobeni ngaseNanda, zaze zaphelela emathuneni aseMolweni eduze komfula uMngeni.
Enombolweni yocingo lukaNdlovu nekaVibes, ngokwemibiko yezingcingo kuyavela ukuthi zazikade zidonsa zindawonye lapho kukhona imoto kamufi.
Ngokwemibiko, igcina ingasanyakazi imoto kamufi. Ngakusasa ekuseni inombolo kaNdlovu idonsa isiseMusgrave, uButhelezi athe kuqhelelene ngamakhilomitha amabili lapho kusebenza khona uNdlovu.
Emva kwalokho ufakazi ezintweni eziningi abuzwe zona uphendula ngokuthi akazi, akasakhumbuli, okunye ukuzwa enkantolo akanaso isiqiniseko sakho.
Bekwala noma esetshelwa ukuthi udukisa inkantolo, noma esephicwa ngeminye imibuzo yena ubethi akaguquki kwakushoyo.
NgokukaVezi, umufi wagcina ukubonakala ephila ehamba noVibes ngemoto kamufi iKia Picanto. UVibes akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo kuze kube yimanje.
UVezi uthi futhi akazange ambuze ngakusasa uma uVibes esebuya ehamba yedwa.
Namuhla uButhelezi uzonxenxa ijaji ukuthi lilahle uNdlovu ngamacala, okungelokuthumba, elokubulala nelokushisa impahla. Ngakolunye uhlangothi ummeli kaNdlovu, uMnuz K Jairam uzolinxenxa ukuba limkhiphe phambili.