KUBANGWE udaba lwezinsolo zokuthi ummangalewa wokuqala ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uMuzikawukhulelwa Sibiya washawa amaphoyisa waze wazingcolisela emphoqa ukuthi avume icala.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe ewumculi uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo2014. Kushushiswa amadoda amahlanu kanti wonke ayawaphika amacala abekwe wona.
Icala lisesigabeni lapho kubangwa khona ukuthi izitatimende zabamangalelwa zokuvuma amacala kufanele yini zamukelwe yinkantolo njengobufakazi bayo. Abameli babamangalelwa bathi azichithwe ngoba babeshawa labo ababamele.
Abameli bagibeze ummangalewa wokuqala uSibiya ebhokisini wethula ubufakazi bakhe. USibiya uthe amaphoyisa amshaya waze wazichamela emvumisa icala lokufa kukaMeyiwa. Uthe ukhumbula kahle ngoba wayeswenke ngoBrentwood wakhe okwaze kwaphoqa ukuthi awushintshe.
UMshushisi woMbuso u-Advocate Ronnie Sibanda, epheka uSibiya ngemibuzo uveze ukushayisana kobufakazi phakathi kukaSibiya nommeli wakhe. USibanda ukhumbuze ummangalewa ukuthi ummeli wakhe wathi washawa wazingcolisela lokhu kwetshe lentaba hhayi ukuzichamela.
Bathe uma bezama ukuphika uMngomezulu noSibiya, uSibanda wahosha izinkulumo zangalolo suku kwavela ukuthi uMngomezulu wathini. Kuvele ubufakazi bokuthi uMngomezulu wayethe uSibiya wazingcolisela ngetshe lentaba hhayi umchamo.
Emuva kwalokho uMngomezulu ubonakale ecobeka wathi khimilili wahlala phansi elokhu eqalaza ebuka nebhuku lakhe.
USibanda uthe kuyaxaka ukuthi uSibiya asho okunye ngoba uMngomezulu wayethe lokhu ayekusho kuphuma kuyena uSibiya njengoba eseqhamuka nokunye.
USibiya ugcine eba sengathi unolaka uma ebuzwa ngokushayisana kobufakazi bakhe nobommeli wakhe.
“Mina ngeke ngimkhulumele uMngomezulu, lokhu engikushoyo kuyiqiniso, ngazichamela angizingcoliselanga ngetshe lentaba,’’ kusho uSibiya ngokuzethemba ekhulumela phezulu.
USibanda ubuze ukuthi ngabe kufanele kulalelwe bani phakathi kwalokho okwashiwo wummeli nokukaSibiya. IJaji Ratha Makgotlheng licele ukuthi kuqhutshekelwe phambili ngoba sekuvelile ukuthi basho okungefani.
Icala liguqele ukuthi libuyele namuhla enkantolo kuqhubeke uSibanda nokuphosa imibuzo. Ngesikhathi liguqa, uSibanda uthe usahamba noSibiya eside isikhathi emhlaba ngemibuzo.