ISABA ngisho ukuhamba yodwa iye esikoleni enye yezingane zowesifazane waseMawoti, eNanda, okwaboshwa uyise wezingane zakhe emuva kokuba ephihlizwe ngesitini washona.
Umufi, uMbali Mokokone (29), kusolwa ukuthi wabulawa yisoka lakhe elihamba icala lokumbulala, uMnuz Zimisele Dlulisa (39), ezinyangeni ezedlule.
Enkantolo yaseNtuzuma, iMantsh u-Advocate Smanga Mthethwa, ilihlehlisele uDisemba 6 icala likaDlulisa.
Uthe kunophenyo olusenziwa mayelana nakho konke okwenzeka ngosuku lwesigameko.
UDlulisa ubelokhu eqalaza emuva ngesikhathi esebhokisini labasolwa.
Udadewabo omdala kamufi, ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, uveze ukuthi inzima impilo ezinganeni ezimbili zikamufi, eyomfana (6) neyentombazane (3).
Kweyomfana, uthe sekuze kwadingeka ukuthi kungenelele nosonhlalakahle ukuze ithole ukusizakala kodwa isimo asishintshi.
"Wesaba ngisho ukuya esikoleni ehamba yedwa. Njalo kumele simphelezele ngoba uthi wesaba ukuhlangana nomsolwa ngoba uzombulala njengoba enza kunina. Kwala noma simchazela ukuthi umsolwa uboshiwe,'' usho kanje.
Uthe yesaba nokulala ebusuku. "Uze angibuze ukuthi mina angimsabi yini umsolwa,'' echaza.
Ingane yentombazane, uthe njalo ibabuza umbuzo owodwa wokuthi unina ubuya nini emsebenzini?
"Nathi simane singabe sisazi ukuthi simphendule sithini kulo mbuzo wakhe. Ukukhuluma iqiniso, asikaze simtshele ukuthi kwenzekani kunina,'' echaza.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba kubona mayelana nokuthi inkantolo iyomthola enecala umsolwa bese imgixabeza ngesigwebo sikadilakajele ngoba yisona esingabathoba izinhliziyo.
Umufi wabulawa kade egubha usuku lokuzalwa, umsolwa wabuya emsebenzini kwaba nengxabano kungakahambi ngisho izimenywa. Kuthiwa kwathi esembulele umufi waphaka wadla eduze kwesidumbu kanti sekufike amaphoyisa ezombopha wacela ukuyogqoka izingubo ezifudumalayo ngoba kuyabanda ezitokisini. Umsolwa wanqatshelwa ibheyili.