ELILODWA lamagobolondo amabili ezinhlamvu okuthiwa athathwa ngamaphoyisa njengobufakazi endaweni yesigameko okwabulawa kuso owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, aliphumanga esibhamini okuthiwa sadubula.
Lokhu kuvezwe uLieutenant Colonel Chris Mangena, onguchwepheshe ekuhlolweni kwezibhamu nezinhlamvu ezisetshenziswe kwenziwa ubugebengu bokudubula. Ukusho lokhu ethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yasePitoli, izolo, ngesikhathi eqhathanisa, ebheka izimpawu ezithize okukhona kuzo omaka abasalela egobolondweni lenhlamvu uma kuphuma inhlamvu esibhamini, wathola ukuthi kuyashayisana.
“Ngathola ukuthi inhlamvu okukhulunywa ngayo esitatimendeni, akuyona eyaphuma esibhamini okukhulunywa,” kuchaza uMangena.
Uqhube wathi igobolondo lenhlamvu lesibili, akakwazanga ukulihlola ngoba lalilimele kakhulu.
“Ngathi uma ngibheka inhlamvu yesibili ngisebenzisa izindlela esizisebenzisayo uma sihlola, angibanga nayo indlela yokuthi ngingakwazi ukusho ukuthi yona yaphuma kulesi sibhamu okuthiwa yaphuma kuso ngoba yayidlavazekile,” kusho yena.
Ebeka inkantolo esithombeni, uthe kunolayini ababa ngaphakathi embhobheni wesibhamu okuye kuthi uma sekudlula inhlamvu ngesikhathi ophethe isibhamu edubula, labo layini basalele enhlamvini.
“Ngesikhathi idlula, ayasalela enhlamvini, yiwo asilekelela ukuthi sibone ukuthi le nhlamvu iphume kusona yini leso sibhamu okuthiwa iphume kuso noma cha,” kusho yena.
Ubuye waveza nokuthi emva kokuhambela indawo yesigameko eVosloorus nokuhambela amakhaza eGermiston, ngesikhathi udokotela ehlola isidumbu sikaMeyiwa, wamenza wafinyelela esiphethweni sokuthi uMeyiwa wadutshulwa umuntu owayebhekene naye.
Wabuye wathi ngokophenyo lwakhe oluthinta insizi nokusha okwakusenxebeni kumufi okubangelwa yi-gas ephuma esibhamini, kwamenza wacabanga ukuthi umsolwa wayesincikise kuye umufi isibhamu.
UMangena ngesikhathi echaza ngebanga aselihambile enza umsebenzi wokuhlola izibhamu okuthiwa zisuke zimatanyiswa nezigameko zokubulala, uveze ukuthi necala lokubulawa kukaNksz Babita Deokaran ulisebenzile.
UNksz Deokaran wadutshulwa, wabulawa ngo-Agasti 23, 2021. Lokhu kwenzeka emva kwesikhashana eveze obala inkohlakalo eyamaniswa nethenda lezinsiza-kusebenza ngesikhathi kubhoke igciwane iCovid-19.
Abamangalelwa abayisithupha kuleli cala bagwetshwe ngeledlule emva kokuvuma icala.
Icala likaMeyiwa liyaqhubeka namuhla.