Kuhluka imibiko yodokotela ecaleni lababulawa bangqongiswa kwabathathu, ngoJanuwari 25, 2022, eNkanini, eCato Manor.
Ngosuku lwesigameko kwasocongwa abesilisa abathathu okungoMnuz Phumlani Tshekele, Numkile Mfenqe noRefilwe Mokoena.
Kuvela ukuthi babekade besolwa umphakathi ngokuwuhlalisa lubhojozi, bedlwengula bedayisa izindlu zabantu ngodli.
Kuvela ukuthi amalungu omphakathi abahlasela besendlini abathatha ayobokhela ngomillo bephakathi emotweni.
Kwabe sekuboshwa abasolwa oMnuz Mmiseli Khondlo (41) odume ngelikaJomo, Vusimuzi Mazula ( 46), Thandekile Penelope Sithuntsa (37), Siphenathi Zoko (28) Mfanafuthi Muzi Masikane (37) noScelo Thusi (39).
NgoLwesibili, eNkantolo eNkulu yaseThekwini, bekukade kufakaza uDkt Tsikwe Lesego owayehlola izidumbu.
Uveze ukuthi esidunjini sokuqala asihlola wathola ukuthi umufi washa wangqongqa, wathola nokuthi intuthu yiyona eyaba yimbangela yokuthi agcine edlulile emhlabeni.
Uthe wathola ukuthi entanyeni kamufi kwakubhajwe izinhlayiya okungaqondakali ukuthi ngezani.
Ngakolunye uhlangothi, uDkt Naidoo naye owayehlola izidumbu zabafi uyakuphikisa lokhu, uthe kwakungezona izinhlayiya kodwa kwakuyigazi elase lomele ngaphakathi esidunjini sokuqala.
Kuningi okunye okusembikweni wokuhlolwa kwezidumbu kaDkt Naidoo okuphikisana nombiko kaDkt Lesego.
"Kusho ukuthi naye yindlela ahlola wathola ngayo ukuthi leliya yigazi. Mina kodwa ngokwami ukuhlola ngathola ukuthi leziya kwakuyizinhlayiya ezithile,'' usho kanje.
Ngokombiko kaDkt Naidoo, kubuye kuvele ukuthi ingxenye yephaphu kulesi sidumbu sokuqala sase sibovu okwakuwumphumela wokuthi isidumbu sakhe sasha sangqongqa.
Nalokhu futhi uDkt Lesego uthi yena akazange akubone. UDkt Lesego uveze nokuthi yena wasihlola isisu sesidumbu sokuqala, kodwa uthi njengoba embikweni kaDkt Naidoo kungaveli lutho olumayelana nesisu, lokho kuveza ukuthi akazange asihlole isisu sesidumbu sokuqala.
Ngokombiko kaNaidoo izidumbu zazimnyama, kodwa uLesego uthi kunjalo kodwa, hhayi kuzona zonke izingxenye zomzimba.
"Phela isidumbu sibamnyama sonke uma kuya ngokuthi sonke sishe yonke indawo,'' echaza.
UMshushisi, uCalvin Sing ubesabe emphicaphice njalo ngemibuzo uDkt Lesego.
IJaji uChetts belibonakala linokudideka uma lizwa okushiwo uDkt Lesego ekuqhathanisa nombiko kaNaidoo.