ABACULI bakamaskandi bashaqekile ngesikhathi kuvela igama likazakwabo ohlwini lwabasolwa ngokubulala umrepha wakuleli, uKiernan ‘AKA’ Forbes.
UMnuz Lindani Zenzele Ndimande (35), emculweni kamaskandi waziwa ngoShiselansimbi, ungummangalelwa wesibili kuleli cala.
Yize umculi wasoCilwane, kwesakwaMthethwa, eMpangeni, ekhiphe ama-albhamu amathathu kodwa yingoma yango-2021, ethi Iyozala Nkomoni, emgqamise kakhulu ngenxa yokubophela izihlabani zomculo.
Phakathi kwabaculi abasebenze noShiselansimbi kubalwa uBuselaphi engomeni ethi Wayeyinsizwa Ubaba, uNdoni engomeni ethi Nhliziyo Yami, uSphe Zulu (oseke wacula noKhuzani NeZingane Zoma) kwethi Umthakathi, uPinky Mabaso weShabalala Rhythm naMaYellowbone kwethi Nyathela Ngamandla noMaqhinga Hadebe onguphrojusa futhi omdlalela isigingci.
UMaqhinga, obuye acule neShabalala Rhythm noQadasi, uthe umazi kahle uShiselansimbi ngenxa yokuthi ungumkhaya wakhe futhi basebenze kakhulu naye emculweni.
“Ngabe unamanga ongathi wake wathi nxa kuye. Ubengakwazi ukuthi ‘Sawubona’ kodwa uthi ‘Amen.’”
Nakuba kunjalo uthe abantu abangazi kangcono ngempilo yakhe umndeni wakhe. UBuselaphi uthe umazi umsolwa njengomculi ozihloniphayo nongazwani nento engasile. UNdoni, ongumkhaya wakhe, unxuse ukungaphawuli lutho ngomsolwa.
Isolezwe like labika ngomcimbi wokwethulwa kwe-albhamu kaShiselansimbi, owawusehholo lomphakathi eCilwane, ngoJuni 2021. Kanti omakhelwane bakhe bamchaza njengomuntu oyisibonelo esihle.
Lo maskanda kuthiwa wahleshulelwa uR133 000, esambeni semali ewuR800 000 obikwa ukuthi wakhokhelwa ababulali baka-AKA. Ngokophenyo lwamaphoyisa, iseleula kaShiselansimbi iveza ukuthi wayekhona umculi endaweni yesigameko phambi kwaseWish on Florida, eThekwini, waxhumana nomunye wabamangalelwa.
U-AKA, nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane, balalelwa unyendle ngabantu maqede bashonela endaweni yesigameko ngesikhathi bephuma endaweni yokudlela.
Kuleli cala uShiselansimbi, obuye abe wusomatekisi, usolwa noMnuz Lindokuhle Thabani Mkhwanazi (30), ongusomatekisi, uMnuz Siyanda Eddie Myeza (21) ongumahlalela eMlaza, uMnuz Mziwethemba Harvey Gwabeni (36) ongusomabhizinisi onezimayini eLimpopo, uMnuz Lindokuhle Ndimande (29) onepulazi eCamperdown ngaseMgungundlovu, uMnuz Siyabonga Gezani Ndimande/Nxele (28) noMnuz Malusi ‘Mjay’ Dave Ndimande (29).
*Kwenzeka lokhu nje, kusanda kusala enkundleni omunye umculi kamaskandi uSjula ‘Iqhawe LakoMenziwa’ Biyela.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi amaphoyisa ophiko oluphenya amacala abucayi iNational Intervention Unit (NIU), edubulana nabasolwa ngobugebengu obenzeka eNtibane Lodge, phakathi kwasoLundi, naseMelmoth ngenyanga edlule. Kulesi sigameko, uSjula wadlula emhlabeni noMnuz Sihle ‘Gwajo’ Biyela, Mnuz Bizokwakhe Sithole noMnuz Lindani Ncanana.