UMOLOTO Mothapo okhulumela iPhalamende uveze ukuthi kusetshenziswe imali eningi kulo nyaka ukulungisela inkulumo kamengameli ayibhekise esizweni.
UMothapo uthi ilinganiselwa kuR8 million imali esebenzile ngenxa yokuthi namanje iPhalamende uqobo kalikakulungeli ukusetshenziswa emva kwesigameko sokushishwa kwalo ngonyaka odlule.
Umcimbi wanamhlanje ubuyela ehholo laseKapa njengoba kwenzeka nyakenye.
“Siphoqelekile siyiPhalamende ukuthi sisebenzise imali eyengeziwe kunebizosetshenziswa ukube lo mcimbi ubesekhaya. Lokhu kwenziwa wukuthi sikhokhela nezinto ebesingeke sizikhokhele ngoba zikhona vele ePhalamende.
Izindleko ezifana nezinsiza zokusakaza, okuyizinsiza ezilekelela ukuba kuxhunyanwe neziteshi eziningi zethelevishini ezweni lonke, ngoba kufanele izakhamuzi zakuleli zikwazi ukuyilalela le nkulumo,” kusho uMothapo.