USAKUTHOLA kunzima ukuphila ngaphandle kwendodakazi yakhe, owesifazane okwadlwengulwa kwabulawa indodakazi yakhe maqede isidumbu salahlwa ngaphansi kwebhuloho elikuN2 ngoDisemba 23 nyakenye.
Lokhu kuvezwe yilungu lalo mndeni, uMnuz Philani Nzuza ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ngesimo sikaNkk Nomusa Xulu (44) waseGreytown.
Icala beliqhubeka eNkantolo yeMantshi, yaseThekwini. Umufi uNksz Nonhlakanipho Buthelezi ( 26) kuthiwa wayephuma endaweni yokuzijuxuza, eChestervile, iClassic Lounge ngesikhathi ehlelwa yilo mshophi.
Kuthiwa yena nomngani wakhe owasinda kwathi sekuyisikhathi sokuthi baphindele endlini eManzimtoti, kwaqhamuka imoto eyayinabesilisa abane yathi izobagodukisa.
Abesilisa ababengaphakathi ngabasolwa okunguMnuz Nkosinathi Emmanuel Ndala (23), Sphamandla Mkhulise (24), Sphamandla Thulani Bhengu (24) noThalent Mbongeleni Ntanzi (21).
Bonke babhekene namacala okuphanga, ukudlwengula nokubulala.
Kuthiwa maphakathi nendlela benqaba ukubehlisa kunalokho imoto baze bayipaka emgwaqweni uN2 oya KwaDukuza.
Kuthiwa babadlwengula bobabili, lo omunye waphunyuka umufi wehluleka ukudlubulundela bambulala. Eseshonile bamphanga konke ayenakho.
"Iqiniso elimsulwa ukuthi kunina wengane impilo ayiphindanga yafana selokhu kwavela lo mshophi. Kulukhuni kuyena ukwamukela ukuthi indodakazi yakhe yabulawa," kuchaza uNzuza.
Uthe indlela unina kamufi ahlukumezeke ngayo uhluleka nawukuza enkantolo.
UMshushisi u-Advocate Calvin Govender uthe kungaba ngcono ukuthi icala lihlehle njengoba kusekhona uphenyo olwenziwayo.
IMantshi uMnuz Zuma uthe ngenxa yezicelo eseziphakanyiswe nguMshushisi uyavumelana nokuthi lihlehliselwe uMeyi 8 nonyaka.
Abameli babasolwa nabo bavumelene ngokuthi lihlehliswe icala.
Ngaphakathi enkantolo kuzwakale ukuhhumuzela okukhulu kumalungu omphakathi ngesikhathi kumenyezelwa ukuhlehliswa kwalo.
Iningi labebesenkantolo beleseka umndeni womgilwa.
Bekukhona nabanye besifazane ebebehlezi ndawonye okukholakala ukuthi bahlobene nabasolwa.
Abasolwa babonakale bebaphakamisela izandla ngesikhathi sebehla bephindela esitokisini. Oyedwa wabesifazane obefake isikibha esimhlophe ubonakale ekhala izinyembezi.
Abasolwa bebebonakala bekhululekile. Isicelo sabo sebheyili sachithwa.