KUSEMNYAMA maqondana nokuqokwa kwesikhulu esiphezulu se-Eskom njengoba kuvela ukuthi abangu-147 abebegaqele lo msebenzi bakhale ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu.
Lokhu kuvele ngesikhathi uNgqongqoshe wezikaGesi, uDkt Kgosientsho Ramakgopa ekhuluma nabezindaba ngemizamo yakhe yikulungisa ukucima kukagesi.
I-Eskom isesimeni esibi njengoba izama ukubhula umlilo wenkinga yokucima kukagesi izikhawu ngenhloso yokuwonga ehlasele izwe. Kunenkombankombane ngalokhu, babodwa ababuye basole ukuthi kunesandla semfene ngalo mkhuba.
I-Eskom isale ingenaso isikhulu esiphezulu emuva kokwesula kukaMnuz Andre de Ruyter owafulathela elakuleli wathola amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle. Kumanje kubambe uMnuz Calib Cassim njengoba kusaqhubeka uhlelo lokuthungatha ozovala isikhala.
Abezindaba babuze ngokuqokwa kwesikhulu esiphezulu sase-Eskom, uRamogkopa wathi wudaba lukangqongoshe lolu. Kuthe kusenjalo kwabuya impendulo yabezokuxhumana kuhulumeni ecacise kabanzi. Impendulo iveze ukuthi kube nabangu-147 abafake izicelo kodwa bachithwa kwathi igama elilodwa laphakanyiswa kodwa nalo lagcina lichithiwe.
Kuvele ukuthi leli gama elilodwa lichithwe nguNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan. Kuvela ukuthi imibandela yokuqasha iqiniswe kakhulu ngoba kufuneka umuntu onamava afanele ukuze ashintshe isimo kule nkampani.
URamogkopa uthe kwenziwa konke okusamandleni ukuthi kuvalwe isikhundla sesikhulu esiphezulu futhi kuzomenyezelwa igama uma esetholakele umuntu ofanele. URamokgopa uthe izinhelo zokuqeda ukucima kukagesi ziza kahle kakhulu ngoba kuneziphehli ezisebenza kahle nokwenza isimo sibe ngcono kunakuqala.
URamokgopa uthe ukusebenza kwesiphehli iKusile kusize kakhulu ngoba sekunamandla kagesi athe xaxa.