KUSEMNYAMA ngokwakhiwa kwezindlu zesiShayamthetho saKwaZulu-Natal eMgungundlovu, njengoba amaqembu abusa isifundazwe ngokubambisana ehlukene phakathi.
Nakuba emaqenjini abusa ngokubambisana kukhona afuna ukuthi kuqhubeke ukwakhiwa kwezindlu zesiShayamthetho ezizokuba namahhovisi kahulumeni, amanye amaqembu afuna ukuthi isiShayamthetho sibuyele oLundi.
USomlomo, uNksz Nontembeko Boyce, uthe lolu daba uselushiyele emaqenjini abusa ngokubambisana ukuba aluxoxe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula isabelomali sesiShayamthetho ngoLwesihlanu.
UNksz Boyce ubephendula inkulumo kaSotswebhu we-DA, uDkt Imran Keeka, ocele ukuthi kuvuselelwe izingxoxo zokwakhiwa kwesiShayamthetho.
Udaba lokwakhiwa kwezindlu zesiShayamthetho eMgungundlovu, ludala, laqalwa ukukhulunywa ngesikhathi kusuka isiShayamthetho oLundi, ngo-2004.
Nakuba kade lwaqala ukukhulunywa lolu daba, akukho mnyakazo otheni owenziwe.
Umnyakazo oqaphelekile wenziwa owayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, owamemezela ukuthi kuzoqala ukwakhiwa kwezindlu zesiShayamthetho ezizobiza u-R6 billion.
Lokhu wakwenza ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngesimo sesifundazwe yokugcina, ngasekuqaleni konyaka.
Ukungabuyeli kwe-ANC emandleni kushiye ungabazane ngokwakhiwa kwezindlu zesiShayamthetho njengoba isibambisene namaqembu afuna ukuthi isiShayamthetho sibuyele oLundi.
I-IFP ne-NFP bafuna ukuthi isiShayamthetho sibuyele oLundi.
Nakho ukubuyela kwesiShayamthetho oLundi kubukeka kungelula. Muva nje uNdunankulu Thami Ntuli, uthe lolu daba lusadinga ukuxoxwa.
Lokhu wakusho ngesikhathi eyokwethula iKhabhinethi yakhe eSilweni.
UKeeka uthe unethemba lokuthi uMnyango kaMgcinimafa kuzwelonke nasesifundazweni, noMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda esifundazweni, izoqala kabusha izingxoxo zokwakhiwa kwezindlu zesiShayamthetho, eMgungundlovu.
Uthe uhambo lwakamumva lwamalungu esiShayamthetho lwaseScotland, lukhombise ngokusobala ukuthi kufuneka kwakhiwe isiShayamthetho.
UNksz Boyce uthe uyazi ukuthi kunokungavumelani ngalolu daba, wabalula kakhulu ingwevu ye-IFP, uMnuz Blessed Gwala, athe iyazi ukuthi abavumelani nayo ngalolu daba.
UNksz Boyce uthe amaqembu abusa ngokubambisana kufanele baluxoxe udaba.
“Ekugcineni kufanele sivumelane. Yingakho ngithi ngizoyishiyela kubaholi bamaqembu abusa ngokubambisana ukuba axoxe.”