AMAPHOYISA aseLimpopo athungatha abasolwa kulandela ukudutshulwa kwabantu abathathu okubalwa kubo nomnikazi wamatekisi.
NgoMgqibelo emini, ngezithuba zika-2.30 ntambama, abasolwa abebehlomile badubule babulala abantu abathathu endaweni yaseMohodi, ngaphandle kwaseSenwabarwana.
Uphenyo lokuqala lukhomba ukuthi abagilwa bebesendaweni yokudlela ngesikhathi kufika imoto yohlobo lwe-Audi, ifika ivulela ngenhlamvu ibhekise kubona.
"Kufe usomatekisi wasendaweni oneminyaka engu-54 ubudala nabesilisa ababili abaneminyaka engu-33 ano-37. Bonke bashonele endaweni yesigameko,“ kusho uColonel Malesela Ledwaba okhulumela amaphoyisa eLimpopo.
UKhomishana wamaPhoyisa eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, ujube ithimba eliphenya amacala odlame lwasematekisini ukuze kubanjwe abasolwa.