KUSEYINKIYANKIYA umchwayo waMamboza ukubuyiswa kwabalisa ababili ababoshelwe icala lokufa kuka-AKA, ababhajwe eSwatini, lapho abatholwa begobe khona amadlangala.
Izinsizwa ezimbili uMnuz Siyabonga Gezani Ndimande, owaziwa ngoNxele noMnuz Malusi Dave Ndimande, zivele izolo eNkantolo yeMantshi kwaManzini. Bezibonakala zingqumuza okuthile enye imoyizela kanti enye ibilokhu ithibile samuntu okhathazekile.
U-AKA, igama lakhe langempela okunguKiernan Forbes, wadutshulwa wabulawa nyakenye nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Matsoane eThekwini. U-AKA noTibz bathelekelwa amadoda abavithiza ngenhlamvu baphelela khona lapho bengaphandle kwendawo yokudlela, iWish on Florida.
Indawo abahlaselwa kuyona yagcina ivaliwe ngenxa yalesi sigameko esaqoshwa ngamakhamera sashiya abantu bethuthumela.
Amaphoyisa ahlonze amadoda ayisikhombisa akholwa wukuthi yiwona amkakisa okwenyamazane u-AKA, aze amgojela waya kwagoqanyawo. Kukholakala ukuthi kukhona othile owayewanike amadoda aboshiwe itoho futhi amaphoyisa athi anobufakazi okubanindayo.
Abalisa abahlanu sebevele kabili eNkantolo yeMantshi eThekwini bathweswa amacala ngokufa kuka-AKA, nomngani wakhe uTibz.
Zimbili izinsizwa zakwaNdimande ezibhajwe eSwatini, ezisolwa nabahlanu kanti zilindwe amacala kuleli. Sezivele izikhawu enkantolo eSwatini, kudingidwa udaba lokubuyiswa kwazo kuleli. Iphuzu elifike libe wungqingetshe elokuthi abakuleli bebengakasifaki isicelo esisemthethweni sokubuyiswa kwabo.
Elakuleli linomnqamulajuqu kaMashi 22, okunguLwesihlanu lwesonto elizayo ukuthi lifake amaphepha esicelo sokubabuyisa. Ngokomthetho kuthiwa isicelo sibekelwe izinsuku ezingu-30 kusukela ngosuku okuboshwe ngalo abasolwa.
Icala lihlehlele kuMashi 20, lapho okuzocaca khona ngesicelo sokubabuyisela kuleli. Abasolwa ababoshwe eNingizimu Afrika, bona babuyela kusasa (Mashi 14) eNkantolo yeMantshi eThekwini, lapho kuzodingidwa khona ngokuthi bafake isicelo sebheyili.